IMarket Day ehlelwe nguShoprite no Checkers ihlomulise abalimi basemiphakathini engaphezu kuka 60

Esithombeni: Omunye wabalimi abavela e Siyaphambili Women’s Hub e Checkers Hyper wase Galleria.

OWAMI THABETHE

Izitolo ezinkulu zakwaShoprite kanye nezakwaCheckers eNingizimu Afrika yonkana  zinikeze imiphakathi engaphezu kuka-60 ithuba lokuba badayise ukudla kwabo okuphuma ezingadini zabo ngosuku obelubizwa nge Market day mhla zingu 17 Okthoba 2024.       

Inhloso yalolusuku bekuwukunikeza abalimi bokudla ithuba lokufinyelela kumakhasimende abo futhi behlomule nenzuzo yokuziphilisa ngesikhathi bezuza isipiliyoni sokudayisa emakethe.

Abadayisi baveze ukuthokoza kakhulu ngendlela izitshalo zabo ezazidayiswa ubuthaphuthaphu kwaze kwaphoqeleka ukube belethe ukudla okungeziwe bengahlosile. 

“Sathengisa isipinashi, iklabishi, no-beetroot, futhi ukudla kwethu kokuqala kwadayiswa ngehora elilodwa! Isidingo sasiphezulu kangangokuthi kwadingeka silethe okunye futhi okwengeziwe ukuze siqhubeke. Sengathi imicimbi enjengalena ingaqhubeka ngoba iyasisiza nathi singene ebalazweni ngezitshalo zethu, sithole amakhasimende, singenise nemali,” kusho uSindiswa Maguma wase-Intambanana Farming and Mulipurpose Coop eMdantsane, e-Eastern Cape.

Lolusuku lwemakethe luphinde lwanikeza abalimi bomphakathi ithuba lokuxhumana bodwa bacobelelane ngolwazi nokuhwebelana.

“Kube yinto emangalisayo ukuba yingxenye yosuku Lwemakethe futhi. Isasasa lomphakathi wakithi likhula minyaka yonke. USuku lweMakethe lusaqhubeka nokukhulisa nokubeka phambili abalimi, sidlulisa ukubonga kakhulu kuShoprite no Checkers,” kwengeza uMfundisi uGabriel Kjungu we-Jesus in Action’s Our Garden, waseBrackenfell, eNtshonalanga Kapa.

 Kusukela ngo-2015 lezi zingadi zokudla zomphakathi zibe nomthelela empilweni yabantu abangaphezu kuka-80 000. Abalimi nabo bathola ukuqeqeshwa nokusekelwa ukuze baqhubekisele phambili imizamo yabo. Ngonyaka odlule, lezi zingadi zikhiqize umkhiqizo ongaphezu kuka-88 000 kg.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *