USbusiso Shange ubonge kakhulu kwi-KZN Namuhla Artist Awards ngokumhlonipha esaphila okuyinto engasajwayelekile,kwayena uzizwe ehloniphekile kakhulu.

USbusiso Justice Shange okuyigama abizwa ngalo kwezobuciko ngaphandle emkhakheni wokulingisa ngoba ulithola khona igama.Uzalelwe endaweni yaseZingolweni ngaphansi kukamasipala wase Zinqoleni.Ukhulele khona nalapho aqale khona amabanga akhe aphansi eMansfield Primary School kwathi aphakeme wawenza eMdlabathi Secondary School.Ngokuhlala usendaweni yase Lovu eManzimtoti ngokusebenza usebenzela umnyango wezokuphepha(South African Defense Force kusukela 1997)

USbusiso ungumbhali wezincwadi eziningi kusukela 1990 cishe zingaphezu kwamashumi amane ezitholakala kwimitapo yolwazi KwaZulu Natal namaphethelo.Ziyatholakala ezitolo zamabhuku ,ubhala amanoveli,izindaba ezimfishane,izinkondlo,documentary,film script

kanye nemidlalo yeshashalazi.Uke wasebenza neMbongeni Ngema perfoming arts njengombhali wemidlalo weshashalazi lapho uke wabhala umdlalo oyisihloko esithi Azibuye Esezadlula,lowomdlalo ugcine usudlala endaweni eseqopheleni eliphezulu ePlayhouse eThwekwini.

Into eyamenza athande ukubhala nokunye kwezobuciko ukuthi kwenza ingqondo ihlezi icabanga izinto okumele uzenzele abantu ukuze behlale bethokozile.Uthe okunye umkhakha wezobuciko  ukwenza ukuba njalo ucabange ngokwehlukile.Uphinde abe umlingisi emidlalweni ewuchungechunge, uke wadlala indawo ephambili emdlalweni osihloko esithi The devil behind owabukiswa kwi Durban International film festival owawukhonjiswa ezindaweni eziningi,uke wadlala kuZalo oludlala kuSabc 1, waphinde walingisa kuDurban general edlala ke etv okokugcina udlale emdlalweni wase UK osihloko sithi The stolen kanye neminye eminingi.Uthe umkhakha  wezobuciko wenza ungazibandakanyi nobugebengu kanye nezidakamizwa eziyingozi ngoba njalo kumele ube nento okumele uyenze.

Kumjabulise kakhulu ukuwina kumaKZN Namuhla Artist Awards uzizwe ehloniphekile kakhulu ngemuva kweminyaka engaphezu kwamashumi amathathu aqala ukubhala.Ubonge nokuthola ukuhlonipheka esaphila okuyinto engajwayelekile.Uqhube wathi amaAwards agqugquzela amaciko emikhakheni eyahlukahlukene .Useke wahlonishwa iShare out University Movement Ministries ngezinqu zobuProffesor in arts ngemuva kokulandela ibanga aselihambile emikhakheni yezobuciko,uke wahlonishwa nange ngestifiketi yiOxford University kanye nomnyango wezobuciko KwaZulu Natal,wahlonishwa ngestifiketi ngokubanga iqhaza  kwiArticulation creative writing kwi Essence Festival,waphinde wabongwa yi Sollywood film ngokubamba ngezinto eziningi kanye nokulingisa kuyo.

Ephawula ngendlela okuvotwe ngayo kulonyaka uyincome kakhulu uthe ibiveza uthando abantu abanalo ngawe nabathanda umsebenzi wakho,kanye nababalandeli bakho.Uqhube wathi kugcina sekuba nabantu abaningi abaqonda kagcono ngalokho okwenzayo ngoba bagcina sebekhuluma ngawe bonke abantu bese uvotelwa nayilo ongakwazi. Uthe ukuba yingxenye yamaKZN Namuhla Artist Awards kuyakhulisana ngoba kukufundisa ukukhuluma nabantu,uqhubeke wathi uma engathola elinye ithuba lokungenela amaKzn namuhla awards angawangela.

Udlulise kakhulu ukubonga kubantu abamuvotelile kakhulukazi amasosha avote kakhulu noma umyalezo wafika isikhathi singekho abakhalaze kakhulu ngalokho athe kumele akulungise ngonyaka olandelayo,ubonge nomphakathi omeseke ngendlela eyisimanga yize isimo somnotho sitshekile kdwa ukhombisile ukuthi bayawuthokozela umsebenzi wakhe futhi bayawuthanda.Udlulise umyalezo kumaciko wokuthi angazenyezi ngakwenzayo ngoba akekho osuke esemizweni  yawo ngesikhathi wona enza lokhu okubathokozisayo,uthe abokwamukela ukugxekwa yilabo abasuke sebewuzwile noma bewubonile umsebenzi wabo,babheke ukuthi loyomuntu uyakha noma uyagxeka.Okunye uma kuvela ithuba basebenze ngokuzikhandla ukuthola amavoti amaningi ngoba kubamba ezingelayo.Esevala uthe iKZN Namuhla Artist Awards isinike ithuba eliyingqayizivele abalithokozele kakhulu.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *