ANC KwaZulu-Natali ichithe amahlebezi okuthi izoba  nomfelandawonye omusha ne-MK Party

Esithombeni: UNksz Nomagugu Simelane, iPhini likaSihlalo kwaZulu-Natali

OWAMI THABETHE

I-ANC KwaZulu-Natali iwachithile amahlebezi esabalele okuthi izosungula uhulumeni omusha wesifundazwe wobumbano neqembu loMkhonto Wesizwe.

    Ngesikhathi kwethulwa inkulumo yezinsuku eziwu-100 zombuso wobumbano lwezifundazwe (GPU) esithangamini nabezindaba eThekwini ngoMsombuluko, ubuholi beqembu buwachithile amahlebezi  ukuthi bangene ezingxoxweni neMKP ukuze basungule. i-GPU yabo.

    Ekhuluma nabezindaba ngala mahlebezi, oyiPhini likaSihlalo wale nhlangano esifundazweni uNomagugu Simelane uthe i-ANC isazimisele ngeGPU futhi isebenzisana kahle nawo wonke amaqembu nakuba ingeneme ngabantu beDA ne-IFP abenza izinto ngendlela yabo. kuyacasula lokho.

    “Ingabe siyayishiya i-GPU ukuze sisebenze neMKP? Impendulo ithi cha. Akukho ukungezwani ngaphakathi kwe-GPU. Uzokhumbula ukuthi iyona MKP uqobo, ikakhulukazi uDuduzile Zuma owamemezela ukuthi iqembu lakhe ngeke lisebenze ne-ANC ngakho sifuna ukukucacisa ukuthi asiyishiyi iGPU,” kusho uSimelane.

    UNobhala weqembu esifundazweni, uMnuz Bheki Mtolo, wengeze ngokuthi i-ANC ayiboni sizathu sokuthi iGPU izodilika, wengeza ngokuthi le nhlangano ingu-99.9% uhulumeni okhona ohlanganisa i-IFP, DA neNFP ozoqeda ihlandla layo.

    Leave a Reply

    Your email address will not be published. Required fields are marked *