Ibhange lase First National Bank lixwayisa umphakathi mayelana namaqola asephume umkhankaso wokuzenza ama Courier Company. Lamaqola asebenzisa izindlela ezahlukene ezihlanganisa ukukufonela ngocingo, emails kanye nama website ayi-fake.
Indlela asebenza ngayo lamaqola (Scamers)
Lamaqola athumela email noma umyalezo we-sms ezokufaka kwi website eyi-fake bese ikufune imininingwane yokukhokha.
Uma futhi kwenzeka kungumyalezo one-Link ingakuholela ekutheni udownlode i-App kwifoni yakho ekwazi ukweba ulwazi lonke. EEminye imiyalezo izenza sengathi ivela ezinkampanini zama Courier ezidumile isho ukuthi isike yazama ukukulethela iphasela lakho kodwa ayizange ikhuthole, bese ikucela ukuthi ucindezele kwi-link lapho okuzomele usho isikhathi ofisa ukulethelwa ngaso iphasela lakho. Enye indlela eyokuthi bakucele ucindezele i-Link ukhethe isikhathi ofuna ukulethelwa ngaso impahla yakho.
Amaqola azama ngazozonke izindlela zokuthi afake ingcindezi kubantu ukuthi bakhokhe abakwenza ngokuthi bafune ipin noma ilwazi olusekhadini lakho.
Uma kwenzeka uhlangabezana nemiyalezo ethi ivela ezinkampanini zama courier qaphela zama ukubuzisisa ungasheshi enkampanini ukuze ube nesiqiniseko.

