![](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2024/12/Sihle-Dlezi-of-YATSAR-had-her-first-international-showcase-at-the-2024-MTC-Windhoek-Fashion-Week-where-her-unique-collection-was-praised-1-1-1024x682.jpg)
SHEILA MHLONGO
Abasiki bengqephu ababili abaxhaswe uMasipala weTheku bathole ithuba eliyingqayizivele lokuthi bayobamba iqhaza embukisweni we 2024 MTC Windhoek Fashion Week obubanjelwe e Maerua Mall eWindhoek, eNamibia, kusukela ngomhlaka 6-9 Novemba 2024. Labasiki bengqephu okungo Sandile “Duke” Mngadi ongumnikazi we Duke “Clothes Your Soul kanye noSicelo Dlezi ongumsunguli we YASTAR Clothing.
Ngokusho kwesitatimende esithunyelwe abezindaba uPhiko lwezokuXumana kuMasipala weTheku, sithi bobabili labasiki bengqephu bahlomule ngaphansi kohlelo lukaMasipala lokunikeza uqeqesho nokuthuthukisa amakhono kanye neminye imizamo yokusiza abantu abanekhono lokuncintisana emkhakheni wezemfashini. Lokhu kuyimizamo yokuzibophezela kukaMasipala ukuqinisekisa ukuthi abasiki bengqephu abasafufusa bathola amathuba angcono okusimamisa amabhizinisi abo.
UMngadi ongomunye wabasiki bengqephu osezakhele igama kwezemfashini lapha eNingizimu Afrika uzwakalise ukubonga ngokuthi naye abe omunye wabaqokelwe ukuthi ayobukisa ngemisiko yakhe. Uqhube wathi lombukiso ube impumelelo njengoba ethole izincomo kulabo abebehambele lombukiso.
“Ngisho namanje zingena zingenile izincomo kanti sengithola nama order. Lombukiso ungivulele imakethe entsha futhi ngizolandelela bonke engithole ukuxhumana nabo laphaya eNamibia.” Kusho ungadi oqhube wathi ubonga kakhulu kuMasipala weTheku ngokulokhu ebaseka nakholelwa ukuthi ikona okuyimbangela yempumelelo yakhe.
Kanti uNdlezi yena uthe leli bekuyithuba lokuqala lokuhambela umbukiso wamazwe, kanti akubonile kube ngaphezulu kwalokho abekulindele, njengoba ethole izincomo kubahambeli bombukiso kanye nasezinkundleni zokuxhumana , nakholelwa ukuthi ikona okwenze kwakhuphuka izinga lababona umsebenzi wakhe. “ Ngiyakholwa ukuthi lokhu kuzovulela iYASTA iminyango eminingi futhi sengizimisele ukuthi ngibambe iqhaza emibukisweni yamazwe. Kusho uDlezi, kanti naye uncome ukuthi useqalile ukuthola ama-order avela kumakhasimende ahlangane nawo eNamibia .
UKhansela Thembo Ntuli onguSihlalo wekomiti lezokuThuthukiswa koMnotho eDolobheni , ukugcizelele ukubaluleka kokusebenza ngokubambisana ekutheni kufakwe imboni yezemfashini yaseThekwini kubalazwe lomhlaba.
“Lokusebenzisana kuhlanganisa abasiki bengqephu baseThekwini abasethubeni lokuthola amathuba kuzimakethe ezintsha .” Kusho yena weleka ngokuthi impumelelo yalombukiso ikhombisa ngokusobala ukuzibophezela kwethu ekuxhaseni ithalente lezemfashini elisiza ekutheni kudaleke amathuba emisebenzi kanye nokuthuthukisa komnotho wethu.