SHEILA MHLONGO
Njengoba kusondela isikhathi samaholidi kakhisimuzi, uNdunankulu waKwaZulu-Natali uMhlonishwa uThami Ntuli, usekhiphe isexwayiso esiqinile asibhekise kuzaphulamthetho sokuthi amaphoyisa azoqinisa kakhulu izindlela zokuvimba izenzo zobugebengu esifundazweni.
“IkwaZulu-Natali akusiyona indawo yezigebengu, ngakho amaphoyisa azokwenza ngakho konke okusemandleni ukuvimba izenzo zobugebengu noma kuphi noma kunini uma kubonakala kunesidingo.” Kusho uNtuli.
UNtuli ukusho lokhu ngeviki eledlule ngesikhathi kuqhubeka umkhankaso wokulwa nobugebengu phakathi enkabeni yedolobha iTheku, okuphethe ngomphumela wokuboshwa kwabantu abangu -30 abatholakale bengenazo izincwadi ezifanele zokuba lapha eNingizimu Afrika.
Emizamweni kakhulumeni wokulwa nezenzo zobugebengu uNtuli ube ingxenye yethimba lezomthetho ebeliphume umkhankaso ligasela izitolo eziphakathi edolobheni laseThekwini libheka labo abaqasha abantu bangaphandle abangenazo izimvume ezisemthethweni zokuba kuleli.
Lomkhankaso ubuholwa uNdunankulu uNtuli ehambisaa noKhomishana wamaphoyisa uNhlanhla Mkhwanazi, uphinde wagasela nezitolo zabokufika kuleli (Spaza Shops) kanye nezitolo ezidayisa izimphahla zomgunyathi( counterfeit goods).
Lomkhankaso ukugqamise ngokusobala ukuzimisela kukahulumeni wesifundazwe wokwenza idolobha iTheku ukuthi libe indawo ephephile kuzakhamizi, kosomabhizinisi kanye nakubavakashi.
“Umyalezo wethu ucacile; Angeke sibekezelele izenzo zobugebengu futhi siyothatha izinyathelo zomthetho noma nini uma kunesidingo.” Kusho uNtuli.
UNdunankulu uNtuli ukugcizelele ukuthi uhulumeni waKwaZulu-Natali ebambisene nabomthetho uzibophezele ukugcina ukuthula, nokuphepha kuzozonke izifunda kanye nokuqinisa ukungabekezeleli izenzo zobugebengu.SANews.gov.za