
OWAMI THABETHE
UNdunankulu waKwaZulu-Natali uMhlonishwa Thamsanqa Ntuli uhole umcimbi obalulekile wokubungaza usuku lokuqwashisa ngempilo yengqondo, I Mental Health Awareness Day eKwaZulu-Natali Children’s Hospistal.
UNdunankulu ugcizelele isidingo esiphuthumayo sokubeka phambili ukunakekelwa kwezingane ngokwengqondo. UNtuli ugqamise ukudlondlobala okushaqisayo kwezifo zengqondo entsheni yalesi sifundazwe, wakuchaza njengento ekhathaza umphakathi futhi eseqhulwini emhlabeni jikelele.
“Kuyadabukisa ukufunda ukuthi izingane eziningi nabantu abadala esifundazweni sethu babhekene nezinselelo zempilo yengqondo, nokho izinsiza ezidingekayo ziyashoda,” kuchaza uNtuli.
UNtuli ugcizelele isidingo sokuthi umphakathi ubumbane ekubhekaneni nalezi zinselelo waphinde wagcizelela ukuthi impilo yengqondo yabantu abasha akuyona nje impi yomuntu siqu kodwa kuwumthwalo womphakathi wonke.
Inhloso ye KZN Children’s Hospital wukusebenza njengesikhungo sokwenza kahle kwezingane kanye nentsha enenkinga ye-neurodevelopmental kanye nezimo zempilo yengqondo. Lesi sibhedlela siqale ukusebenza kusukela ngo-2013. Abasebenzi sebekwazile ukubonisana nezingane ezingaphezu kuka-45000 nentsha, ngokusho uNgqongqoshe Wezempilo e-KZN uNomagugu Simelane.
UNdunankulu uNtuli ubalule ukuthi izingane eziningi ezibhekene nezinselelo ezingokwengqondo azikwazi ukuthola usizo lwezempilo eziludingayo.
UNdunankulu usebenzise leli thuba ukuqwashisa ngokulungiswa okuqhubekayo kwesibhedlela Sezingane KwaZulu-Natal, okuhlanganisa nezinhlelo zokwakhiwa kophiko olusha lwabagula ngengqondo. Lolu phiko, echaza, luzobaluleka kakhulu ekubhekaneni nokushoda kwezinsiza zezempilo yengqondo esifundazweni, luhlinzeke ngokunakekelwa kweziguli ezilaliswayo ezidingeka kakhulu ezinganeni nakubantu abadala.

