![](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2024/12/image-38.png)
NOMTHANDAZO MAGOSO
Kuphume nesinedolo abantu base Mkhomazi bephume ngobuningi ukuzothamela lomcimbi kwazise phela bekungenwa mahhala kusukela ekuseni kwaze kwaba ntambama.
U – Cheese Wabantwana uthi umculo wawuqala esemncane engidela uKiss Mantombazane ,kwathi ngo 2018 wadlula uKiss Mantombazane emhlabeni kwaphela ngaye emculweni wase enza iplan B ngo 2021 ngasungula iqembu lami elisha elibizwa ngo Cheese wabantwana.
“ Ngo 2022 ngakhipha album yokuqala esihloko sithi “wemthakathi” yathi ifika nje le album yadla izikhotha yangena kubantu ngoba ibidlalwa nako East London Kumkani FM nakwi Phongolo FM nase iZwi lomzansi FM naku vibe FM nakwi Ntokozo FM ngenza nama interview kuzo zonke leziteshi zemsakazo ngebhadi ke angikalitholi ithuba lemcimbi emikhulu ngihlale ngizama kungenzeki ngenxa yokuthi angikaziwa kodwa ngigcina ngoku pefomer kulemcimbi emncaneyize nayo imkhulu kubantu abafana nami.
Sengibheke kulena emkhulu manje imcimbi kulelisonto bengethula cd yami entsha abayithanda kakhulu abantu kunengoma nje esidla lubi ezinkundleni zokuxhumana ethi Up to You isibe nama viewers awu 13k nge 4 weeks kodwa konke kuhambe kahle kakhulu. Ngivakashelwe abaculi abaningi engeke ngabaqeda ukubabala njengo Thwasa lekhansela Skhala nene IGagamela Mtolo1 Magazi chocolate. Nginesifiso sokunqamana nezinkunzi zika maskhandi kulemcimbi emkhulu ngokuhlukahlukana kengizwane amandla nazo ngoba ngiyazethemba mina naso Khozini FM ngiyafisa kengizizwe ngimemeza khona naku Gubhu lwami ku 1kzn, kusho kaCheese Wabantwana.”
Ukhale kakhulu ngoxhaso kanye nokungabi naye umlekeleli ngoba kunezindlela angakwazi kuzihamba ngenxa yokungabi nomlekeleli ,ubonge kakhulu ukusekwa nayiphepha ndaba Kzn Namuhla. Abantu bakhombise ukumthanda kakhulu abanye befake izikibha ezibhalwe igama lakhe. Bakhombise ukujabulela kakhulu ingoma yakhe.