Kwethulwe ngokusemthethweni amahhovisi kamabona kude I – 1KZNTV.

Nomthandazo Magoso

Ngolwesine mhlaka 15 November 2024.kubewusuku olukhulu i-1KZNTV ivula ngokusemthethweni ihhovisi layo eThekwini kumgwaqo u Alan Paton embilo. Lomgwaqo owaqantshwa ngengama lenqalabutho eyayingumlobi we zincwadi nezinkondlo.

Abaseduze netheku sekuzoba lula ukuzifikela emahhovisi njengoba selila eThekwini futhi balithengile.. Baphumile osizini lokurentela indawo injabulo ibonakala ebusweni ukuthi lendawo sekungeyabo ngokuphelele.

U-Edwin Mncwango omgumphathi siteshi ubephuphuma injabulo ngesikhathi etshela izihambeli kulo mcimbi lezi zindaba.

“Sibonga uNkulunkulu ngokuthi sesihambe iminyaka engu-15 ishisa, kunezivunguvungu ezinjengokhuvethe ezigadlile kodwa sakwazi ukuvuka sizithintithe saqhubekela phambili. Siyohlale sikulwela ukusebenzela umphakathi ngokuthi sibike kabanzi ngezinto ezithinta bona ngoba lesi siteshi ngesabo,” kusho uMncwango.

UMncwango uphinde wabonga  ibhodi asebenzisana nalo, abasemkhakheni we-Marketing and Sales nezintatheli ngokuzikhandla kwabo.

Phakathi kwezikhulu ezihambele lo mcimbi bekukhona uBongani Gina wasehhovisi likaNdunankulu e-KZN, Thabo Mofokeng waseMnyangweni weZemidlalo, ubuCiko namaSiko, uMandla Nsele wakuMaspala weTheku noMusa Mntambo wakwa-KZN Wildlife.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *