OWAMI THABETHE
UMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natali usuqale uphenyo kulandela ukusha kwesibhedlela saseThekwini iClairwood ngoLwesine mhlaka 24 Okthoba.
Kukholakala ukuthi owesifazane oneminyaka engu-41, uzithungele ngomlilo entathakusa yangoLwesine, okudale ukuthi umlilo ubhebhetheke endaweni ehlala ezinye iziguli.
“Isigameko senzeke ewodini eyedwa ophikweni lwe-Internal Medicine esibhedlela, lapho isiguli sithungele khona umlilo. Okungenani iziguli ezingu-23 zikhishwe ngokuphepha ewodini eliseduze, nalo elivele lasha,” kusho okhulumela uMnyango uNathi Oliphant.
Uqhube wathi iziguli zifakwe kwamanye amawodi esibhedlela kanti aboMnyango wezezicishamlilo eThekwini bakwazile ukucisha umlilo.
UMnyango ukuqinisekisile ukuthi lo wesifazane ushonele endaweni yesigameko kanti bekungakabikwa muntu olimele.
Kusanjalo, umnyango ubheka ezinye izingozi ezimbili ezibandakanya i-Emergency Medical Services (Ambulensi) . Kuzo zombili lezi zimoto, abashayeli bahlulekile ukuzilawula ngemuva kokushayisa izinkomo emgwaqeni.
Engozini yokuqala, ngaseMbazwana, ambulensi eyi bhasi belithwele iziguli ezingu-60 kanye nabasebenzi ababili ngesikhathi ligingqika. Kubikwa ukuthi umshayeli uhlulekile ukulawula ibhasi ngemuva kokushayisa inkomo emgwaqeni.
“Kushone isiguli esisodwa ebesivaleleke ebhasini , abanye abagibeli nabasebenzi ababili bathole imihuzukwana baphuthunyiswa esibhedlela eMseleni,” kusho uMnyango.