UHlabisa uthi ama-spaza shops akabuyiselwe kubantu baseNingizimu Afrika

OWAMI THABETHE

UMengameli weNkatha Freedom Party (IFP) uMnuz Velenkosini Hlabisa uthi kumele kungenelelwe ngokushesha ukuqinisekisa ukuthi amabhizinisi ezitolo ezincane abuyela kubantu baseNingizimu Afrika.

UHlabisa ubekhuluma nabezindaba eThekwini ekhuluma nge-IFP ngezinsuku zayo  eziyi-100 kuHulumeni Wobumbano Lwesizwe (GNU) kanye noHulumeni Wobumbano Lwezifundazwe (GPU).

Ethula inkulumo uHlabisa uzwakalise ukuphatheka kabi ngesehlo esenzeke eSoweto.

“Siphinde sikhumbule izingane zesikole zaseSoweto eziyisithupha ezalahlekelwa yimpilo kabuhlungu ngemuva kokudla ukudla kwasespaza esiphethwe abokufika. Njenge  IFP sinombono wokuthi sidinga ukungenelela  okuphuthumayo okumele kuqalwe ukuqinisekisa ukuthi sibuyisela imboni ye-spaza kubantu baseNingizimu Afrika,” kuchaza uHlabisa

Uqhube wathi bazoqhubeka njengenhlangano ukusebenzela abantu base Ningizimu Afrika futhi bazolwa nokusebenzisana nabantu bakwamanye amazwe abangenazo izincwadi ezibagunyazayo ukuba lapha nokuqhuba amabhizinisi abo lapha.

Khonamanjalo, ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela usomabhizinisi ongowokudabuka eTopiya otholakale engenawo amaphepha okuba kuleli ngesikhathi uMasipala weTheku uqhuba umkhankaso we-Operation Good Hope kuWadi 87, eMlazi. Lo mkhankaso uhlose ukuqinisekisa ukuthi izakhamizi zaseThekwini zihlinzekwa izidingo ngendlela efanele. Lo mkhankaso usungulwe, futhi uholwa uPhiko lwakwa-Area Based Management, eMlazi

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *