![](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2024/12/image-28.png)
SHEILA MHLONGO
UNgqongqoshe wezoBulungiswa kanye nokuThuthukiswa koMthethosisekelo uThembi Simelane usexwayise bonke abazali abangondli izingane zabo emva kokuthi kuphume isiqumo senkantolo sokuthi bondle izingane zabo. Uthi izinsuku zabo zibaliwe.“ Siyeza kubona .” kusho uSimelane ngesikhathi ekhuluma emcimbini lapho esayinde khona isivumelwano sokusebenzisana esimayelana ne Online Listing of Defaulters obubanjelwe eJohanesburg ngoLwesihlanu lomhlaka 1 Novemba 2024.
Echaza uSimelane uthe ukusayidwa kwalesivumelwano kube inqophamlando njengoba kusho isikhathi esisha sokuqinisekisa ukuthi abazali abangakhokhi isondlo abanandawo yokucasha.Akungabazeki ukuthi ukungakhokhi isondlo kuba nomthelela omubi empilweni yezingane futhi kuncisha ingane ilungelo lokuthi nayo ithole ukunakekelwa kahle.
UMthethosisekelo unesigaba 28 (2) esikucacisa ngokusobala ukubaluleka kwengane . “ Isigaba 15 (3) se Maintanance Act okuwumthetho wezondlo zabantwana, uphoqa bobabili abazali ukuthi banakekele izingane zabo ngokufanayo kuye ngokwesimo sabo sezimali.” “Nakuba kunjalo iningi labazali libonakala lisahluleka ukondla izingane zabo kanti lokhu kunomthelela omubi ngoba kwephula amalungelo abantwana okuthi banakekelwe, lokhu okuhlanganisa ukuphiwa ukudla, indawo yokuhlala, imfundo, ezempilo kanye nokugqokiswa.” Kusho uSimelane.
Eqhuba uSimelane uthe umzali ohluleka ukukhokha isondlo somthwana emva kokuyalelwa inkantolo kusho ukuthi uphula umthetho futhi unecala, angathola isigwebo senhlawulo noma sokuthi abhadle ejele .Abazali banelungelo lokuvulela icala lowomuntu osuke kufanele akhokhe isondlo uma kungukuthi uyehluleka ukugcina umthetho njengokuyalelwa inkantolo, nakuba lesinyathelo singaholela ekutheni umuntu aboshwe kodwa angeke sivimbele inkokhelo yesondlo. SANews.gov.za