
OWAMI THABETHE
UNdunankulu uMhlonishwa Thami Ntuli ngokubambisana nekhabhinethi yakhe KwaZulu-Natali sebekulindele ukukhipha ithimba lamaphoyisa elizohamba lihlola izitolo (spaza shops) ukuthi zidayisa ukudla okusezingeni elifanele yini.
Ngemuva kokwanda kwezigameko zokushona kwezingane esifundazweni ngenxa yokudla ukudla okuthengwe kulezizitolo, uhulumeni waseKZN ubone kufanele ungenelele ukulwa nalobubha obugcwele esifundazweni. Kamuva nje, eningizimu yeTheku endaweni yase Mgababa kudlule emhlabeni abantwana ababili, ugogo wabo waphuthunyiswa esibhedlela lapho esalwela khona impilo yakhe , okusolakale ushevu ekudleni abakudlile ngoba nenja yabo egcekeni yafa emva kokudla lokhu kudla.
UNdunankulu uthe bazosebenzisana kakhulu nabomthetho ukuvakashela lezi zitolo kuyobhekwa ukuthi ngabe badayisela umphakathi ukudla okufanele yini futhi ngabe bafike ngokomthetho yini kuleli.
UMnyango WezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu ubambisene noNdunankulu wesifundazwe kanye neziMeya zoMasipala baseKZN kanye namakhosi aseNdlunkulu, babambe ingqungquthela eThekwini ICC ,bezobhunga ngaloludaba,bedingida izixazululo kanye nenqubekela phambili.UNdunankulu uNtuli uphakamise ukuthi sekuyisikhathi ukuba izitolo zibuyele ezandleni zabantu bakuleli futhi baqeqeshwe kabanzi ngezindlela zokuphatha ukudla.

