OWAMI THABETHE
Owaziwa ngelika Nqaba Khumalo wase Lower Molweni ungumculi we Gospel,aphinde abe ngu Producer no njinyela we sound,ophinde abe ngumphathi we N.Q ezinze e Pinetown.
Endimeni yomculo usesebenze nabaculi be Gospel abaningi okubalwa u Babo Ngcobo, Andile Mbili, Sipho Mbhele,Lindani Gumede kanye nabanye abaningi.
UKhumalo okwamanje ugxile ekusebenzeni kanye nenkampani okuthiwa Izwi ezincane Communications, akholelwa ukuthi izowufukula umsebenzi wakhe. Njengamanje umatasa ngokukhipha I EP eqondene naye futhi uma yenze kahle, nabantu bayithakasela uzobe esekhipha I Album ephelele ngonyaka ozayo.
- EP kulindeleke iphume kulenyanga njengoba kuwu Disemba. Usebenze kuyo noNjinyela base Thekwini esibala kubo u Lwazi Mngomezulu, Lindani Gumede, Mdu Ndlovu kanye no Musa Skhosana.
- EP izophuma nezingoma ezingu-6, isihloko sayo sithi “Ngizwe ngento ethi Gqi!” futhi izotholakala kuzozonke izitolo zomculo ezi online. Ube esenxenxa abahlali base Ningizimu Afrika ukube bamuseke mase uphumile umsebenzi wakhe,bawuthenge bawunike ithuba bawulalele.
Uyatholakala ezinkundleni zokuxhumana nakwi nombolo yocingo.
Cell number 076 254 0641 / 078 398 7430
nqabanxumalo25@gmail.com
Facebook Page : Nqaba Nxumalo Music
Personal Account: Nqaba Nxumalo
Tiktok : NqabaNxumalo 25