SHEILA MHLONGO
Kulo nyaka ka-2025, ngifuna ukuqopha ezinye izingoma ezimbili, ngengeze ingoma yami ethi “Uyangihola”. Izinhlelo zami zika-2025 ukuqopha ividiyo yami yokupromoter ye-Uyangihola, ngiqhubeke ngipromothe ingoma yami futhi ngihambe ngiyocela ukuthi nami ngibambe iqhaza kumakhonsathi omculo iGospel.
Umculi engifisa ukusebenza naye uXolly Mncwango. Engikufundile ngo-2024 ukuthi ngibekezele, ngizikholelwe, ngibe namaphupho amahle ngempilo yami futhi ngizitshele ukuthi akukho okungenzeki. Ukukhishwa kanye nokwethulwa kwe-EP yami ngisenhlelweni zakho.
Ingoma yami ethi“Uyangihola”izotholakala kuzo zonke izitolo zomculo, njengeSpotify, iTunes, YouTube. Singaxhumana kulenombolo ethi: 0714699466, Facebook : @RossyM.