Iminyango ehlukene kahulumeni waKwaZulu- Natali inikeze izimpendulo mayelana nombiko kaSihlalo woSihlalo.

UMnyango wezokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu: Phakathi kwezinye zezimpendule kube udaba lwezinkantolo zasemakhaya ezingenawo amahhovisi, Amakhosi akhuthazwe ukuthi atshale izihlahla ukuze kukhoselwe phansi kwazo uma kuthethwa amacala.

Udaba lwamanzi kanye namaloli athutha amanzi zikhona izimoto kodwa inkinga ukuthi izindawo zinkululu kakhulu kuba nzima ukuthi amaloli afinyelele kuzo zonke.

UMnyango wezeMfundo:Phakathi kwezinto okuphendulwe ngayo  kube udaba lwezithuthi zabafundi impendulo kulokhu ukuthi uhlelo angeke lakwazi ukufinyelela kubobonke abafundi ngenxa yokungeneli kwesabelomali njengoba okwamanje zibalelwa ku 433 izikole ezithola ukuthuthwa kwezingu 1148 ezilindile, zingu 87 izikole ezingaphansi kwesifunda Ilembe ezidinga imali elinganiselwa kuR1 656 480 000 ngonyaka. Udaba lwemali yokubhekana naloluhlelo isakhulunywa noMnyango weziMali kuZwelonke kanye nakusifundazwe kanye nawo uMnyango wezeMfundo emaBangeni Aphansi.

UMnyango wezemiSebenzi yoMphakathi: Mayelana nohlelo lwe EPWP umnyango awukhethi labo abangaphansi kweminyaka engu-35 yobudala, kodwa kuphela uhlinzeka kakhulu ukubhekela labo ababenxishwe amathuba ngaphambili. Kuyimanje uMnyango usuveze amathuba emisebenzi awu 2,778 ahlanganisa intsha ebalelwa ku 1,564 kanye nabesifazane abangaphezu kuka 35 weminyaka ababalelwa ku 1,941.

UMnyango wezokuHlaliswa Kwabantu: Mayelana nomphakathi waku wadi 12 KwaMaphumulo  owakhahlanyezwa izikhukhula zangonyaka ka2022, kubenesikhalo sokuthi ukulungiswa kwezindlu sekuthathe isikhathi esidekakhulu, kodwa uMnyango uthi uphezu kwamalungiselo okuqoka usonkontileka omusha ukuze aqedele umsebenzi, kulokhu uzosebenzisana noMasipala waKwaDukuza, njengoba bekunesikhalo sokuthi ushiywa ngaphandle.

UMnyango wezoLimo: Mayelana nokudipha izilwane uMnyango wethule uhlelo lwamakhemikhali ukuze amathange okudipha ukuze kusizwe umphakathi ngalolusizo olubalulekile. UMnyango uphinde wakhipha isimemezelo sokuthi amafama afake izicelo  zosizo lwemali, kanye nohlelo lokusiza amafama amancane ngosizo lwezimbewu ngaphansi kohlelo One Garden One Home.

UMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi: Mayelana noSonhlalakahle, umnyango usungule uhlelo lokujuba uSonhlalakahle oyedwa ukuthi abhekele iwadi ngayinye, lapho bayobe beqapha isimo sendlela yokuziphatha ukusetshenziswa kophuzo oludakayo kanye nezidakamizwa, kanye nohlelo lokuvikela izenzo zobugebengu baphinde babambe iqhaza emihlanganweni yama-war rooms kuwo wonke amawadi ukuze baqhamuke nezisombululo.

UMnyango wezeMidlalo, ezobuCiko kanye nezamaSiko: Mayelana nezinkundla zemidlalo oMasipala bayakhuthazwa ukuthi bafake isicelo semali (Municipal Infrastucture Grant Funding) kodwa kuqala benze ucwaningo ukuze babhekane nezidingo zomphakathi.

UMnyango wezokuThutha: Mayelana nenkinga yokwakhiwa nokuthuthukiswa kwemigwaqo uMnyango ngokubambisana nomasipala abathintekayo, kanye neSANRAL uzoqinisekisa ukuthi indaba yawo iyasukunyelwa.

UMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha, kanye nezeMvelo: Mayelana nohlelo lokuhlomulisa osomabhizinisi abancane , uMnyango wahlinzeka ngesamba sika R1million wamarandi kuMasipala ukuze kuhlomule osomabhizinisi abancane  bathengelwe izinsiza. Ngomhlaka 28 Novemba  uMasipala ubambisene noMnyango wedlulisela izimpahla wasingatha inkomfa (seminar) kanye nombukiso  owawumayelana nendlela osomabhizinisi abangathola ngayo usizo lwezimali, kanye nolunye usizo olumayelana nolwazi kwezamabhizinisi.

IHhovisi likaNdunankulu, ezokuXhunyaniswa koMphakathi kanye nezokuPhepha: Mayelana nenkinga yezinga lobugebengu eliphezulu kanye nokungagculiseki mayelana nomsebenzi wamaphoyisa, uMnyango usungule uhlaka olubhekela ezokuphepha kuMasipala waKwaDukuza, oluhlanganisa zonke izinhlaka zomthetho (Justice Cluster Departments) kanye nezokuphepha komphakathi. Isifunda Ilembe linoPhiko lwezokuPhepha nokuVikela oluholwa iMeya yakuMasipala waseMandeni ukhanslela Mdlalose , kanti zonke izinkinga eziphakanyisiwe ziyabhekelwa ehhovisi lika Jenene Gaupal embuthweni wezamaphoyisa (SAPS).

UMnyango weeMpilo: Mayelana nesicelo sokwandiswa kwemitholampilo engomahamba-nendlwana, uMasipala uvele unayo lemitholampilo ebalelwa ku 28 , kanti zibalelwa ku 54 iziguli ezibonwayo ngosuku. Isakhiwo somtholampilo sikhona kuyahambeka kalula nangezinyawo.

UMnyango uphinde ube nohlelo lokuyisa isibhedlela kubantu ikakhulukazi ezindaweni eziqhelile, kuphinde kube nohlelo lokunikeza usizo lwezempilo ehholo lompakathi, okunezelwa nangokungena umuzi ngomuzi kunikezwa usizo lwezempilo emizini.

UMphakathi wesifunda Ilembe uthole ithuba lokuziphendulela mayelana nezinkinga obhekana nazo

Description: UMPHAKATHI WASELEMBE 6
Description: UMPHAKATHI WASELEMBE 4

Kuseyilo usuku lokuqala lokuyiswa kwesiShayamthetho kubantu, umphakathi owabe uvela koMasipala abangaphansi kwesifunda Ilembe  wanikezwa ithuba lokusukuma uziphendulela phambi kwamalunga esiShayamthetho,  nokulapho ugxile kulokho okuvele kuqukethwe kumbiko owethulwa uSihlalo woSihlalo esiShayamthetho saKwaZulu-Natali uMhlonishwa uMahlaba.

Emva kwemibiko ethulwe ngoNgqongqoshe mayelana nezinhlelo zeminyango kahulumeni wesifundazwe zokuletha intuthuko esifundeni ILembe, umphakathi unikezwe ithuba lokukwenza izethulo mayelana nezidingo zentuthuko abazidingayo nezibakhathazayo ezindaweni abahlala kuzo. Obekuphezulu kwizinto ezivezwe amalunga omphakathi kubalwa lokhu okulandelayo:

  • Ukusweleka kwamanzi ahlanzekileyo emiphakathini abahlala kuyo
  • Ukubiza kakhulu kwamanani kagesi
  • Imigwaqo engekho esimweni esihle
  • Izinga eliphezulu lobugebengu
  • Izinga eliphezulu lokusweleka kwamathuba emisebenzi elibhekene nentsha
  • Ukusweleka kwezindlu zemixhaso nezibhekelela abantu abakhubazekile

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *