Ngiyabingelela sizwe sakithi. Nginibhalele nawa amazwi anokuhlakanipha ukunifundisa ngokubaluleka kwabo bonke abantu esiphila nabo kulomhlaba. Uma wazi isizulu kahle uzokwazi kukhona into ebizwa ngokuthiwa umkantsha etholakala ethanjeni makuhlatshiwe kudliwa inyama .
Kuyenzeka ithambo lingabi nayo inyama kodwa libe nomkantsha phakathi kanti ubalulekile nawo emzimbeni ngoba uqinisa amadolo. Usungalidela ngoba ubona lingenayo inyama kanti usulahle nomkantsha obuzokunika amandla wokuma kusasa. Kunabantu esiphila nabo emphakathini abanýe ngabangane bethu, abanye sihlanganyela nabo kwezenkolo, emisebenzini nasezinhlanganweni kanti abanye sizalwa nabo.
Indlela ababukeka ngayo ngokwezezimali noma ezomnotho ayijabulisi akubi lula ukubethemba kanti futhi sivamile ukungabanaki ngoba singacabangi ukuthi bangasisiza ngolunye usuku.
Kungenzeka bangabi namali bangabi nalutho kodwa babenawo umkantsha oyinhliziyo enhle enothando lweqiniso nokubekezela. Ezimeni ezinzima babenothando nozwelo lokuma nomuntu ebunzimeni bameseke ngezinhliziyo ezimhlophe. Masingabajikeli abantu ngoba bengenalutho ngoba kungenzeka uhambo lwethu lubadinge kusasa. Qaphela ujikela bani , kungenzeka ingabibikho inyama kodwa umkantsha ukhona
Obhalayo umfundisi Katlego Nare