Isengcupheni iNingizimu Afrika ngenxa yodaba lwaseRussia

INingizimu Afrika isengcupheni ngenxa yokungabonisi ukuthi imi kuphi mayelana nodaba lwempi eqhubekayo phakathi kweRussia kanye ne Ukraine.
Izingqapheli zakuleli okubalwa abezamabhizinisi, abezepolitiki kanye neBhange ngodla (Reserve Bank) sebezwakalise ukuthi ukungaphumeli obala kukahulumeni wakuleli ekutheni agxeke iRussia mayelana nempi yayo ne Ukrain kungayidonsela amanzi ngomsele uma kuza ngakwezomnotho.

Continue reading

Asihlale siqwashile mayelana namaLungelo ethu singabantu

Njengoba  siphetha lenyanga yamaLungelo Abantu kuzobaluleka ukwazi  ukuthi indaba yamaLungelo Abantu yaqala ukugqama ngemuva kokuthi elakuleli laba ngaphansi kombuso weNtando Yeningi okuyinqophamlando eyenzeka ngesikhathi zonke izakhamuzi zakuleli ngokwehlukana kwazo zithola ilungelo elifanayo lokuthi zikwazi ukuvotela uhulumeni ezikholelwa uyena ngonyaka ka 1994.

Continue reading