INingizimu Afrika isengcupheni ngenxa yokungabonisi ukuthi imi kuphi mayelana nodaba lwempi eqhubekayo phakathi kweRussia kanye ne Ukraine.
Izingqapheli zakuleli okubalwa abezamabhizinisi, abezepolitiki kanye neBhange ngodla (Reserve Bank) sebezwakalise ukuthi ukungaphumeli obala kukahulumeni wakuleli ekutheni agxeke iRussia mayelana nempi yayo ne Ukrain kungayidonsela amanzi ngomsele uma kuza ngakwezomnotho.
IBhange ngodla lisola ukuthi elakuleli lingase lithole ukudutshwa ngezomnotho amazwe afana ne-United States, United Kingdom. Lokhu futhi kungenza kuphele nya ubudlelwane obukhona, okuyinto engalimaza leli ngoba iUS ne UK iwona axhasa kakhulu ukwedlula iRussia.
Ngaphezu kodaba lwempi eqhubeka phakathi kweRussia ne Ukrain nokungaphumeli obala kweNingizimu Afrika ekutheni igxeke iRussia, sekuphinde kwanolunye futhi udaba lokusola elakuleli lokudayisela iRussia ngezikhali.
Sisekulo udaba lokudayiselana izikhali kweNingizimu Afrika neRussia nakhu futhi sekuba nodaba lokuthi inkantolo yamazwe ICC isiphinde yakhipha umyalelo wokuthi kuboshwe uMengameli wase Russia u Vladimir Putin uma eseza lapha ukuzokwethamela inkomfa yeBrics ezoba ngenyanga kaAgasti 2023.
Nakulo loludaba lokuthi elakuleli libophe Putin sekunemibono ehlukene phakathi kwamaqembu ezepolitiki khona lapha emzansi ngoba iDA ithi yona kumele aboshwe kanti uhulumeni ophethwe iANC wona awuhambisani nalokho uthi lelizwe nalo lizimele njengoba linemithetho yalo ngakho angeke limbophe Putin.
Khona manjalo kunamahlebezi okuthi kungenzeka ukuthi iNingizimu Afrika inxenxe amazwe ebambisene nawo kuleNkomfa ye Brics ezoba ngo Agasti ukuthi ingabe isenzeka lapha eMzansi kodwa ithuthelwe noma iseChina, lokhu okungasiza ukuthi Putin angaboshwa kuleli.
Ngakolunye uhlangothi uMengameli uthi abantu abayeke ukumxina ngodaba lokuthi kuzokwenziwa njani ngokuboshwa kuka Putin uma engafika kuleli. URamaphosa uthi konke kulele kuye ukuthi akhiphe isinqumo asibona sifanele ngaloludaba
Sengiphetha kuyacaca ukuthi izwe elifana noUS lizenza uNgqongqoshe wamazwe omhlaba ikakhulukazi lapha ezwenikazi lase Afrika ngoba njalo kumele wonke ezwe ngayo ekubeni nayo inezayo izigameko zokwephula imithetho yokuhlukumeza amalungelo abanye abantu.

