Ayanda Ntombela
UNAMAPHUPHO amakhulu ngomsebenzi wakhe wezandla uNtembeko Nonjiko oyiciko elingumbumbi nombazi wakwa Ndengezi, ngase Pinetown.
Leli ciko eliseyibhungu elidume ngakubo njengombumbi lithi liphokophelele ekuthuthukiseni umsebenzi walo,ukuze waziwe nakwezinye izindawo njengoba selidumile ngakubo. Lomsebenzi uthi akazange awufundele kodwa uyisiphiwo kuyena njengoba akhula ewenza enganakile ukuthi kukhona abanye abawuthakaselayo emphakathini.
Kwezinye zezinto azenzayo kwi-workshop yakhe esekhaya egcekeni amabunjwa muntu(statues) izinkamba kanye nama vasi wase ndlini nase gcekeni. Enkulumweni yakhe nephephandaba ikzn namuhla uthe: “lomsebenzi wami ngiyafisa ukuthi waziwe abantu baphinde futhi bangixhase, ngiyafisa ukuthuthuka kulomkhakha, owami umsebenzi uhluke kakhulu ngoba mina ngikwazi ukusebenza ngobumba, ukhuni kanye nensimbi” kuphetha leli ciko elibuye liziphilise ngokuba unogada.
![](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2022/11/Nonjilo-Statues-1024x634.png)
Kweminye imisebenzi aseyenzile uhlobise ngayo egcekeni lakubo, nakomakhelwane ikhona ngoba bayamxhasa abanye.