Samukelisiwe Mbonambi
UNGQONGQOSHE wamaphoyisa uMnu. Bheki Cele usenikeze abomthetho umlayelo ukuba bavale zonke izindawo zokucisha ukoma ezingekho emthethweni. Ekhuluma emcimbini wokwethulwa komkhankaso wokuphepha kwamaholide kaKhisimusi, uCele uveze ukuthi imiphakathi isakhungathekile ngenxa yezigameko eziningi ezibulale abantu kulonyaka ezenzeke ezindaweni zokuzithokozisa okanye emashibhini.
“NgoJulayi abantu batheleke endaweni yokucima ukoma esweetwaters emgungundlovu bavulela ngenhlamvu kwashona abantu abane kwalimala abayisishiyagalombili(8), izwe liphinde lakhungathwa yinhlekelele yethaveni eNyobeni, e-Eastern Cape, lapho kushone khona izingane ezingu-21 ekuqaleni kwalo nyaka ngakho kubalulekile ukuthi kuthathwe izinyathelo ezizoqinisa ezokuphepha”
Uphinde wanxuse abanikazi bamathaveni ukuthi bahloniphe imiphakathi abasebenza kuyo.
“Abantu bayasifonela basivuse ngo-4 ekuseni bathi akulaleki, kunomculo okhalayo uma uthi ubheka isikhathi u4 ekuseni okuyinto engalungile amalunga omphakathi ayasebenza ngakho kumele asithole isikhathi esanele sokuphumula. Izimpelasonto akuzona ezokuhlukunyezwa ngabantu basemashibhini nasemathaveni, uma indawo ingakwazi ukuphilisana nomphakathi kumele ibhekwe ngenye indlela indaba yoyo ukuze umphakathi usizakale” kusho ungqongqoshe.


