Bongani Nkwanyana (60) odabuka eMkhumbane kodwa otholakala KwaMashu ngokokuhlala ungene endimeni yomculo we-Afro Jazz ngonyaka ka-1982 kanti useke wacula namaqembu amabili wase ephinda eprojusela amabili
Exoxisana neKZN Namuhla uthe “sengibe nohambo oluhle ngendlela emangalisayo kwezomculo njengoba sengike ngakwazi ukuqopha i-Album enesihloko esithi SMILE neqembu iSTAX,saphinde saqopha iSingle ethi MAXI, ngasengiqopha ama-Album amabili neqembu iCASINO anezihloko ezithi SODOMA AND GOMORA ne SHE’S MINE, ngasengiprojusela iqembu iZAKHELE BAND , i-Album ethi JIKA JOE, kwase kuba i-EP yeqembu ITHEMBA”
Uthe akufisa kakhulu ukuthola ithuba lokuthi angene estudio ukuze aphinde akwazi ukupha abalandeli bakhe umculo omnandi, ube esephinda enxusa ukuthi umphakathi uyacela ukuthi umeseke ngokuthi uhambele umcimbi wakhe awuhlelile uzoba ngomhlaka 11 ngoDecember 2022 endaweniyokudlela iRainbow e Pinetown 23Stanfield lane ozoqala ngo 13:00 emini kanti ukungena kubiza uR100 kuphela namathikithi okungena ayobe etholakala emnyango.
Umuntu ofisa ukuzwa umculo kaBongani angakwazi ukuwudownload kwi-inthanethi kanti ofisa ukuxhumana naye angamushayela kulenombolo: 083 751 6609 okanye amuthinte kuFacebook page: Sagiya Foundation Stax-Maxi Single, Stax(Smile Album) Casino (Album’Sodoma and Gomora’), Casino (She’s Mine Album), Zakhele Band(Jika Joe Album), IthembaLami CD,EP (6 songs)