UNhlakanipho Nzuza ucela umphakathi umeseke ngokumbhukha

UNhlakanipho Nzuza(28) waKwaMashu ungene emculweni esafunda isikole samabanga aphakeme ngeStage name sikaSkhali Mshazi kanti akagcini ngokuba umculi weRap kuphela uphinde abenguprojusa.

Ekhuluma nephephandaba lomphakathi iKZNNamuhla uthe” Angigcini ngokuba umculinje kuphela kepha ngiphinde ngibe uProjusa kanti sengike ngasebenza ngisho noDanger weBigNuz, uBeast, DjTira kanye neDistruction Boyz, endimeni yokuba ngumrepha sengike ngashiyelana inkundla nama artists okubalwa kuwoiBlaq Diamond, GqomGvng, Skye Wanda, Zakwe, Duncan no Gigi Lamyne”“kanti kulonyaka ngithole ukuqokwa kuma INK AWARDS  ngaphansi kweBestHip-Hop Artist , ngaphinde ngangena kwiInk Top 100 Song of the year 2022 ngengoma yami ethi BEAST IN ME etholakalayo kuSlikour On File uma unesifiso sokuyi download ”

Ube esegcizelela ukuthi kune-EP enesihloko esithi IRENE ezophuma kungekudala azoyikhipha ngaphansi kwenkampani I- UBABA WENU EVENTS AND PROMOTIONS kanye ne record label engisebenza nayo ebizwa ngeART CITY ELEMENTS (A.C.E).

“Ngicela umphakathi wase-INK Area kanye neNingizimu yonke ungeseke ngokuthi bangibhuke uma behlele imicimbi ukuze name ngikwazi ukuthi ngithole imali ngiqhubeke ngikwazi ukuqopha”kusho uSkhali Mshazi

Umuntu ofisa ukubhukha uSKhali angamuthinta ngalezizindlela zokuxhumana Facebook: @Skhali Mshazi/ @ UbabaWenu Events and Promotions,  Email: ubabawenuholding@gmail.com/skhalimagazi@gmail.com, Cell: 082 5514 588/071 2148 923, WhatsApp: 078 3722 406