UThobisile Magoso (36) odabuka eBulwer eMakhuzeni esigodini saseBazini ungene endimeni yokuba umsiki wengqephu ngonyaka ka2015 ngemumva kokuzibona enothando kanti futhi enekhono lokuthunga into eyisusa phansi aze ayiqede ngaphandle kokudinga usizo.
Ekhuluma nephephandaba lomphakathi uthe“ enye into eyangigqugquzela ukuba iFashion designer okumbe uMsiki wengqephu ukuthi ngingumuntu ozithandayo nothandayo ukubukwa yingakho ngakhetha ukungena kulendima, kodwa isifiso sami esikhulu njengoba senginolwazi impela ngokuba iFashion Designer ukuthi ngikwazi ukuvula iBoutique yami ezodayisa wonke umkhiqizo wami” kusho uThobisile.
Ephetha inkulumo yakhe uthe angafisa ukuthola uxhaso lwemali ukuze akwazi ukuthenga imishini efanele, akwazi ukuvula isikole endaweni yangakubo ukuze athuthukise amakhono entsheni esakhula ngoba esikhathini samanje akusekho lula ukuthi umuntu athole umsebenzi ngisho efundile ngakho kungcono ukuthi umuntu azisebenze.
Kubo bonke abafisa ukubona umsebenzi kaThobisile bangavakashela ikhasi lakhe kuFacebook: Thobies Fashion Designer kanti abathanda ukuthungelwa ngokwezifiso noma ukumupha uxhaso lokuvula isikole bangamushayela kulenombolo: 078 272 9196 / 072 311 6392 noma bashiye umlayezo kuFacebook: :ThobisileMagoso