SAMUKELISIWE MBONAMBI
UMsawenkosi Sithole (18) odabuka endaweni yaseCharlottedale kodwa osetholakala eMelville ngokokuhlala ungene endimeni yomculo ngonyaka ka2019 enza umculo we Hip-Hop, Afro-Pop, Amapiano kanye neGqomu ngestage name sikaYoung Kidd SA.
Ekhuluma nephephandaba lomphakathi uYoung Kidd SA uthe“ endimeni yomculo akukho lula ukuphumelela umangabe ungenabo abantu abakulekelelayo asebephumelele ngakho nami ngike ngazama ukukhuluma namaCiko asephumelele kulendima ngethemba lokuthi bangase bakwazi ukungilekelela amaCiko afana noBlxckie, Kamo Mphela,Zakwe,Dj Tira,Goldmax(Distruction Boyz)Skillz Wetshali,TNS,Sbu(Uzalo Actor),Raphael(Uzalo Actor)RudeBoyz,Bello No Gallo nabanye kodwa bengingakasizakali”
“Ngakho ngiyacela ukuthi umphakathi ungilekelele ngokuthi ungilandele uphinde ulandele nomculo wami nami njalo uma kukhona ingoma engiyikhiphile ngizobaziza njengoba okwamanje nginengoma enesihloko esithi: UMANGIWINA engisanda kuyikhipha engicelayo ukuthi abantu bayi download kwi-inthanethi ku AUDIOMACK kanti naku YouTube ikhona kwabathanda ukuyidlala khona” kusho uYoung Kidd SA.
Uma ufisa ukukhumana naye noma ukumsiza ungamushayela kule nombolo: 0637837717 noma umthole ezinkundleni zokuxhumana Facebook: Young Kidd Instragram: youngkidd_sa.