U-Omhle Dlamini no-Amahle Makhaola bacela uxhaso ukuze babuyisele emphakathini

U-Omhle Dlamini(18) Ohlala eLindelani esigcemeni sakaD Kanye no-Amahle Naledi Makhaola (7)waseChartworth eWelbedatch East bangozime abancane basesiFundazweni iKZN ngaphansi kwe -Expressers Modeling Agency okuyiyo ecija amakhono abo kulomkhakha wobuzime bathi banesifiso sokukelela izingane kanye nemiphakathi yabo ngisho sebephumelele empilweni.

“Ngiqale ukungenela umncintiswano wami wokuqala ngonyaka owedlule uMiss Self Awareness 2022 lapho ngiphume khona isithathu ngaphinde ngangenela uMiss Royalty Durban 2022 lapho ngibaqwaqwade bonke emakhanda ngaphuma khona phambili(number1)” kuchaza u-Amahle Makhaola .

Iphephandaba iKZN Namuhla ibe isiphinda ixoxisana no-Omhle Dlamini othe yena kulonyaka owedlule emva kokuphazamiswa ukhuvethe ungenele imincintiswano yoZime lapho ephume khona isithathu waphinde waphuma isibili komunye  wase evala unyaka ngokuphuma phambili kuma Catergories amane kumqhudelwano kaMiss KZN Elegant 2022 okuyiCongeniality, Best Smile, Ambassador kanye neCharity kanti akagcinanga lapho uphinde wahamba nesicoco somncintiswano jikelele saMiss KZN Elegant 2022.

Baphethe inkulumo yabo nephephandaba ngokuthi kunemincintiswano abayinqobile abafisa uxhaso lwamavoti nemali ezobalekelela ukuthi bathenge izinto abazonikela ngazo ngoba bayakholelwa ukuthi ukuba nguNobuhle akugcini estage kodwa nangokuthi nikhuthaze abantu niphinde nisize umphakathi . Ngokwama voti sisifakile isithombe esineminingwano yokuvotelwa.

Ofisa ukulekelela angaxhumana nabo kulezinombolo :078 543 9380 (Omhle Dlamini) / 0622529767(Amahle Makhaola)

Facebook : MaDlamini Omhle/Amahle Naledi Makhaola