Ukhanyisa Lupindo(24)odabuka eMatatiela esigodini saseMbhizeni kodwa otholakala eThekwini ngokokuhlala ungene endimeni yokuhlela imicimbi yeminctiswano yonobuhle ngonyaka ka2017.
“Ngingene kulendima ngemumva kokuthola ukuthi nami nginothando lokuba ngunobuhle, ngijwayele ukuhlela imicimbi yonobuhle amaneminyaka kusuka ku-15 kuya-25. Sengike ngawuhlela umcimbi owaba impumelela njengoba ngonyaka ka2021 ngangihlele uMiss Flossy Posse owawusendaweni yakwaBhaca e-Eastern Cape ngangizibambele yonke into njengoba ngangiyi Chief Organiser yalomcimbi” kusho uKhanyisa
Eqhu udaba lwakhe nephephandaba iKZN Namuhla uthe uyafisa abantu bazi ukuthi nakulonyaka ngoDisemba uhlela ukwenza omunye umcimbi ozobe useSouth Coast KwaZulu-Natal kodwa angeke akwazi ukuwenza ube impumelelo ngendlela afisa ngayo ngaphandle kokuthola uxhaso, ngakho uyacela kosomabhisinizi abavame ukulekelela intsha eyenzakahle bake naye bamubheke njengoba enza okuhle emphakathini enaba mayelana noxhaso uthe ulidinga kakhulu njengoba kuseke kungene nezingane eziphuma emakhaya eswelayo okusuke kubalulekile ukuthi azilekelele.
“Ngicela abakwaziyo ukupenda ubuso (makeup), abenza photography, abenza iDecor, abathungayo izingubo ezizogqokwa izingane, abanama bnb wokulalela kwezingane ngoba ezinye zisuka kude, ngicela uMaspala wase Ugu, UMzube, eThekwini nazo zonke indawo zase KZN usixhase ngehholo laseGamalakhe, ngicela nabamaphoyisa abayozinikela ukuze kuqine ezokuphepha ngosuku lomcimbi”kuphetha uKhanyisa.
Uma ufisa ukulekelela ungaxhumana no Khanyisa kuFacebook: Miss South Coast 2023/24 / Instagram: Instagram: Miss South Coast noma ushayele kulenombolo: ithi 073 954 1354