I-Stellenbosch FC ihloniphe u-Oshwin Andries ngokuhoxisa ijezi elingunombolo-25

SAMUKELISIWE MBONAMBI

U-Andries(19) wagwazwa ebusuku bezijabulisa nabangani bakhe eKapa ngasekupheleni kukaJanuwari  ngaphambi kokuthi ashone ekulimaleni kwakhe ekuqaleni kwale nyanga. Selokhu edlulile emhlabeni leli qembu selibambe imicimbi eminingi yokumhlonipha okubalwa kuyo nenkonzo yesikhumbuzo.

NgoLwesihlanu banqume ukuhoxisa ijezi lakhe elingunombolo-25 lomcimbi bewuhanjelwe umndeni ka-Andries.

“Ezinkonzweni zesikhumbuzo ebeziseKlapmuts ngesonto eledlule indlela abantu abaphume ngayo bekusobala ukuthi umphakathi uzizwa kanjani ngo-Oshwin. Ushiye isithunzi, hhayi enkundleni yebhola kuphela kodwa nakhona endaweni yangakubo” kusho imenenja jikelele yeqembu uGarth le Roux.

Iqembu linikezele ngezinsiza zokudlala ibhola iqembini lasandaweni iKlapmuts Young Strikers.

“Lesi sipho semishini yebhola eya ku-Klapmuts Young Strikers akukona nje ukugubha usuku lokuzalwa leqhawe lethu elashona, kodwa sithemba ukuthi lizosiza ikilabhu ukuvundulula abadlali bebhola abanekhono endaweni. Lokhu kuwukuhlonipha u-Oshwin nokuqinisekisa ukuthi ifa lakhe liyaqhubeka.”

IStellies iphinde yaqinisekisa ukuthi umklomelo womdlali omncane wonyaka eqembini iwunikeze u-Andries ngoba ifuna ukumuhlonipha ngendlela.

Ngaphambi kokuthi kugcine kufezekile lokhu ngoLwesihlanu, ngokushesha ngemuva kokuzwa ngokudlula komdlali wasemuva izingxoxo zokuhoxiswa kwejezi elingunombolo-25 zaba sezithebeni kwi Stellenbosch. Isikhulu esiphezulu u-Rob uchaze lokhu njengenkokhelo okuyiyona enkulu kunazo zonke iklabhu yebhola engakwazi ukuyenza uma umdlali edlula umhlabeni.