THOBILE MBATHA
UNgqongqoshe weziMali uMnu. Enoch Godongwana wenze lesi simemezelo ngesikhathi ethula isabelomali sakhe sika-2023 ePhalamende ngoFebhuwari ugcwalise isethembiso sakhe sokuthi umbuso uthwale okungenani izingxenye ezimbili zezikweletu zenkampani.
Ngokusho kwesitatimente sithe, ubeke wathi, ukukhululeka kwezikweletu uhulumeni akuhlongozayo kunemibandela eqinile futhi kuzoba yimali elinganiselwa ku-R168bn kanye nenzalo ka-R86bn eminyakeni emithathu ezayo.inhloso kwakuwukuqinisa ibhalansi yalenkampani ukuze ikwazi ukuhlela kabusha futhi iqale ukutshalwa kwezimali kanye nokunakekelwa okudingekayo ukuze kusekelwe ukuvikeleka kokuphakelwa kukagesi.
“Siphakamisa uhlelo lokuhlenga isikweletu sika-Eskom sika-R254bn, lokhu kuqukethe izingxenye ezimbili, eyodwa ingu-R184bn. Lokhu kumelele inhloso yokukhokha ngokugcwele kwe-Eskom ngezigaba ezintathu. Okwesibili wukuthatha ngqo imali efinyelela ku-R70bn yemali ebolekiwe yakwa-Eskom ngo-2025/26 ngenxa yesakhiwo sokukhululwa kwezikweletu ngeke adinge ukuboleka, uhulumeni uzoxhasa ngezimali lezi zinhlelo ngohlelo oluyisisekelo luka-R66 billion olwamenyezelwa kwiSabelomali sika-2019 kanye no-R118 billion wemali eyengeziwe ebolekiwe eminyakeni emithathu ezayo.” Kusho uGodwangwana.
Loluhlelo olukhulu olungakaze lubonwe luzokhulula u-Eskom ngaphezu kwengxenye yomthwalo wezikweletu futhi kungokokuqala ukuthi uhulumeni enze ukungenelela okunje ebhizinisini likahulumeni elinezinkinga (i-SOE). kuzophinde kuthokoziswe nemakethe ebikuxwayile ukuboleka u-Eksom imali ngenxa yezinselelo zezimali, ukungasebenzi kahle kanye nokuntengantenga kobuholi.
“Lolu hlelo luzodinga ukwanda okukhulu kwezikweletu zomphakathi ngenxa yalokhu isamba sesikweletu semalimboleko kulindeleke ukuthi sizinze eminyakeni emithathu kamuva futhi sibe sezingeni eliphezulu, kunalokho okwakulindelwe ngo-Okthoba kanti sikhuphuke sisuka ku-R4.73 trillion ngo-2022/23 u-71% wesamba somkhiqizo wasekhaya GDP siye ku-R5.84bn u-73.6% ka 2025/26 ngaphambi kokuba yehle kuleminyaka eyishumi.” ephetha.

