Umgadli weSuperSport United, uBradley Globler, ubhale igama lakhe ezincwadini zomlando webhola laseNingizimu Afrika ngokushaya igoli lakhe lesi-100 kuyo yonke imiqhudelwano yePremier Soccer League ngoLwesihlanu. Igoli lakhe kube ilona elinqobise iSuperSport iguqisa iMaritzburg United ngo2-0 eLucas Moripe Stadium, ePitoli.
Grobler ushaye igoli lakhe lokuqala kwiPSL ngo-2007 ngesikhathi eqala ukudlala njengomdlali wePlatinum Stars. Lomdali oyindodana yowayengumdlali weMoroka Swallows, u-Les Grobler, usezojoyina i-‘100 Club’ enoSiyabonga Nomvethe, Mabhuti Khanyeza, Emmanuel Bucuane (Tico-Tico) , Collins Mbesuma noDaniel Mudau(Mambush), abasashaye amagoli angu-100 noma amagoli amaningi kwi-PLS.
Bekuyigoli lesi-8 likaGrobler kuPremiership kule sizini okumenza abe sembangweni we-‘Golden Boot’ noPeter Shalulille weSundowns onamagoli angu9, Bonfils-Caleb weKaizer Chiefs, EI Etiosa Ighodaro weChippa United noCassius Mailula weSundowns abalandela ngamagoli angu-7 umuntu emunye.
ISuperSport ilandela iSundowns eqhwakele ku-log ngamaphuzu angu-36 ngokulandelayo izotholana phezulu neGolden Arrows ngeSonto, ngomhlaka 5 Mashi 2023. IMaritzburg ihlezi endaweni yesi-15 kwi-log yeDStv izobe ifuna ukunqoba ithole wonke amaphuzu uma isibhekene neCape Town City ngoMgqibelo, ngomhlaka-4 Mashi 2023.

