Usaziwayo kumabonakude wethule owokuqwashisa ngokukhuluphala ngokweqile

KULOBA: USHEILA MHLONGO
Usaziwayo kwezikamabonakude (TV) kanye nakwezomculo weGospel uMnu. Nkanyiso
Bhengu wethule umkhankaso wokuqwashisa ngokukhuluphala ngokweqile (Obesity)Lokhu
kuhlaluke ngesikhathi ebambe imashi esigcemeni sakwaZ eMlazi, eze yaphelela e-Ogwini
Comprehensive High School ngoMgqibelo womhlaka 4 Mashi.
Echaza ngalomkhankaso uNkanyiso uthe lemashi uyiqondanise ne World Obesity Day
ngenhloso yokuqwashisa ngobungozi bokukhuluphala ngokweqile ikakhulukazi ngoba
kwayena ungusaziwayo okhuluphele futhi oyisishoshovu esilwisana nokukhuluphala
ngokweqile.
“Lomkhankaso owaziwa nge “Walking off with Nkanyiso” ngawuqala ngonyaka ka 2016
ngenhloso yokuqwashisa kanye nokukhuthaza abantu abakhuluphele ngokweqile ukuthi nabo

bazimisele ngokwehlisa isisindo somzimba ukuze bahlale bephilile bangangenwa izifo
ezidalwa ukukhuluphala ngokweqile”. Kuchaza uNkanyiso.
UNkanyiso uthe lomkhankaso uzowuqhuba ezindaweni ezahlukene ezweni lonke. Kanti ube
esebonga bonke abaxhasi okube iHollywood Bets, MTN,uDr Mukubung, abezindaba iKZN
Namuhla, kanye neDurban Youth Radio, ngokunjalo nabobonke abebebambe iqhaza
kuleWalk off with Nkanyiso “Nkanyiso Campaign” kanye nakuwowonke umphakathi waseMlazi.
IPhephandaba iKZN Namuhla lixoxisane nokhansela uGail Ntshalintshali ochaze wathi naye
kumthokozise kakhulu ukweseka kanye noukubamba iqhaza kulomkhankaso we “Walk off with
Nkanyiso” ngoba kubalulekile ukuthi abantu baqwashiswe ngobungozi bokukhuluphala
ngokweqile futhi bakhuthazwe ngezindlela zokuzivocavoca kanye nokudla ngendlela efanele
ukuze behlise isisindo.
“Ingakho nje ngithe uma ngizwa ngesifiso sikaNkanyiso mayelana nalomkhankaso wakhe
nami ngasukumela phezulu ngenza isiqiniseko sokuthi uyaluthola lonke usizo loxhaso
aludingayo ukuze ukwethulwa kwalomkhankaso kube yimpumelelo”. Kubeka uGail.