UPhiwayinkosi Mfeka(32)ozalelwe waphinda wakhulela eThekwini, eVerulam ungene endimeni yezomculo we-Afro Soul esafunda amabanga aphansi emfundo ecula eskoleni, waqhubeka esotweni iChrist Embassy nokuyilapho athi ikhono lakhe lokucula ladlondlobala khona wajoyina iqembu i-AFC Music ZA.
“Ngingenele umncintiswano omukhulu lapha eNingizimu Afrika ama-Idols SA ngaphuma kuTop30 emvakwalapho kwavele kwavuleka izinto ngaqala ngacula emishadweni, ngaphatha izinhlelo uma kunemicimbi ngaphinda ngathola ithuba lokucula kumaCrown Gospel Awards Choir kwabe elinye lokucula ePlayhouse Sound Concert ngivulela umculi owaziwa ngoJoel Zuma nokwasithuthukisa kakhulu isipiliyoni sami kwezomculo” kuchaza uMr Golden Voice Nkanyezi (stage name).
Eqhuba inkulumo yakhe uthe useke wasebenzisana noThandeka Dawn King owaduma ngokudlala indawo kaMangcobo kuZalo yize engakaze akhiphe msebenzi ngaphansi kwegama lakhe ngaphambili kodwa uyakujabulela ukuthi kulonyaka izinto zishintshile njengoba ezokhipha umsebenzi wakhe wokuqala nacelayo ukuthi abantu bameseke ngokuthi bawuthenge bawudlale ukuze usabalale ngendlela efanele baphinde bamuqashe azocula uma behlele imicimbi.
Uma ufisa ukuxhumana noPhiwayinkosi ungashayela kulenombolo: 079 1982066 noma umubheke ezinkundleni zokuxhumana zonke utholakala ngo: Phiwa Mfeka

