Vikela imali yakho ungabi isisulu samaqola
Lesimemezelo sikhishwe yibhange lakwa-Capitec sokuqaphelisa abantu ukuthi babheke abakhwabanisi bahlale beqhamuka namaqhinga amasha okuntshontsha imali.
Lesimemezelo sikhishwe yibhange lakwa-Capitec sokuqaphelisa abantu ukuthi babheke abakhwabanisi bahlale beqhamuka namaqhinga amasha okuntshontsha imali.
UMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu usukhiphe isexwayiso osibhekise emphakathini mayelana neLinkdin account eyi-fake eyakhiwe amaqola azenza uNgqongqoshe waloMnyango uNkk Mammabolo Kubayi.
Intsha ebheka imisebenzi ikhala ngamaposi acekela phansi amathuba okuthi ithole imisebenzi lokhu kuvele enkundleni yezokuxhumana phakathi nesonto omunye efaka indatshana eveza ukuphukelwa umoya ekhasini lapho bevamise ukufaka khona ama Job Advertisement ebifundeka kanje “Sanibona, saze sanenkinga ngenxa ye Post Office!
Inhlangano ebhekele izimenenja zoMasipala eyaziwa ngele Institute for Local Government Management (ILGM) inombono wokuthi sekuyisikhathi sokuthi oMasipala basebenze ngendlela ephrofeshinali (Proffesionalization of Municipalities) lokhu okuchaza ukuthi kumele kuhlukaniswe ipolitiki kanye nokwengamela umsebenzi wansuku zonke koMasipala.
IKhomishana yokhetho yaseNingizimu Afrika (i-IEC) izoqhuba umkhankaso kazwelonke wokusiza abantu baseNingizimu Afrika ukuthi babhalisele ukuvota nge-inthanethi ukuze bavote okhethweni lukazwelonke nolweziFundazwe lwangowezi-2024.
Ezintsha zithi usesulile esikhundleni sakhe obeyiPhini likaMengameli wezwe uMnu David Mabuza. Ngokwesitatimende esithunyelwe kwabezindaba ngoLwesithathu lomhlaka 1 Mashi, sithi uMabuza uphinde wasula ekubeni ilunga lePhalamende likazwelonke njengoba esephathe isikhundla sakhe kusukela ngonyaka ka 2018.
UNgqongqoshe wezeMpilo, uDkt Joe Phaahla, umemezele ngokushona kokuqala okuhlobene nesifo sekholera njengoba isibalo sabagulayo esiqinekiswe yilabhorethri sinyuke safinyelela kwabahlanu(5). Lokhu kuza ngemuva kokuthi uMnyango umemezele izigameko ezintathu ekuqaleni kwale nyanga.
UNdunankulu waKwaZulu-Natali uNkk Nomusa Dube- Ncube usedlulise amazwi enduduzo emndenini wobuKhosi baKwaTembe emva kokuthi kudutshulwe kwabulawa ilunga lomndeni uMnu. Sandile Tembe obengumshana weNkosi uMabhudu Tembe
Uku-oda iGlass yamanzi endaweni yokudlela kungase kubonakale kuwukukhetha okuyisicefe, nokho ukuphuza amanzi kunempilo kakhulu kuwe
UMengameli uMnu Cyril Ramaphosa usememezele uDktl. Kgosientsho Ramokgopa njengoNgqongqoshe omusha kagesi ozosebenzisana nehhovisi likaMengameli, loNgqongqoshe walesikhundla esisanda kusungulwa umenyezelwe uMengameli ngesikhathi ekhuluma nezwe ngoMsombuluko ebusuku.