USithokozi Nyawose (17) waseThekwini eMlazi esigcemeni saka A uqale ukuba uNobuhle ngonyaka ka2019 kanti akagcini lapho uphinde abe i-Model ekhangisa ama Branded Clothing.
“Ngiqale ukumodela ngonyaka ka-2019 kuthe ngonyaka ka2021 ngangenela uMiss Oceanic Durban nokulapha ngaba ngenye yama finalist khona kwase kulindeleka ukuthi ngenze ama Pageant Contribution kodwa ngenxa yokuthi ngangifunda isikole sifunda nangeMgqibelo ngahluleka ukwenza konke okwakulindelekile. Ngawo unyaka ka2021 futhi ngiphinde ngangenela umncintiswano wesicoco sikaMiss Heritage owawuseGamalakhe yize isicoco ngingasitholanga kodwa ngaphuma kwiTop 5 nokwaba into enkulu kumina ngoba isikhathi ngangingenaso kahle.” kuchaza uSithokozile.
Eqhuba inkulumo yakhe nephephandaba uthe uyafisa ukuthola umuntu ongakwazi ukumulekelela ngokuthi amufunele izindawo zokumodela eziphambili ezizomusiza ngokuthi zimuqeqeshe abe ngunobuhle ongcono aphinde angenele nemincintiswano.
Uthe uyacela abantu abanezimpahla zabo zokugqoka abasazikhangisa baxhumane naye angakujabulela ukusebenza nomphakathi abe iModel yawo njengoba eyiyona iBranded Clothing Model nokuyinto ayithandayo kakhulu.
Uma ufisa ukuxhumana noSithokozile ungashayela kulenombolo: 067 028 3751 okanye uxhumane naye ezinkundleni zokuxhumana Instagram:sithokozile_nyawose/ Facebook:Lukhungo Sithoko &Tiktok: sithoko.nyawose.