UMiky Mbana(18) ozalelwe eThekwini eZwelisha wakhulela KwaNongoma eSishwili ungene emkhakheni wezokumodela ngonyaka ka2018 engenela uMiss Mlokothwa okwakungumncintiswano owawuhlelwe isikole ayefunda kuso iMlokothwa High School.
“Endimeni yezokumodela sengike ngangenela uMiss Fresher, uMiss Mlokothwa, uMiss Mbilane lapho ngawina khona isicoco, uMiss Ulundi, Miss Dream Chasers engakhala ngemuka nesicoco sawo. Yize ikhona eminye imincintiswano yonobuhle engingakaze ngiyiwine kodwa angikaze ngiphelelwe amandla kunalokho kuyangigqugquzela ukuthi ngiqhubeke ngisebenze kanzima ngoba isifiso sami ukuthi ngelinye ilanga ngithole ithuba lokungenela uMiss South Africa,” kuchaza uMiky exoxisana nephephandaba lomphakathi iKZN Namuhla.
Eqhuba inkulumo yakhe uthe into afisa abantu bayazi ngaye ukuthi ungumuntu obathandayo abantu kanti futhi ukusiza abantu ikakhulukazi abaswele kuyinto ayithandayo kakhulu yize naye engathathi lapho kukuningi khona kodwa ukulula isandla kuyawuthokozisa umoya wakhe.
“Bengifisa ukuthi abantu bangixhase ngemali yokwenza iPads Drive, bengangixhasa nanoma ingamalini inhloso yami ukuthi lePads Drive engifisa ukuyenza ibe yimpumelelo. Abafisayo ukungixhasa bengangithola kulenamba ethi 0835097874,”kuphetha uMiky.
Uma ufisa ukubona umsebenzi kaMiky ungaya kuFacebook: Fundy Langah/ Miky The Model.