SAMUKELISIWE MBONAMBI
I-Amazon Prime Video izoba neSeries yokuqala yaseNingizumu Africa ezoba nesihloko esithi LOL (Last One Laughing). Usomahlaya wodumo uTrevor Noah kulindeleke ukuthi kube uyena ozophatha lolu chungechunge lwamahlaya olungabhaliwe phansi phecelezi ‘unscripted’ oluzoqala ukukhonjiswa ekuqaleni kanyaka ozayo u-2024.
Kule series uTrevor uzoqhatha abantu abangu-10 osomahlaya kanye nabanandisi kungaba abaculi noma abanye baseNingizumu Afrika abazoqhudelana ukuze abone ukuthi ubani ongakwazi ukungahleki ngesikhathi ezama ukuhlekisa izimbangi zakhe.
UNed Mitchell, oyinhloko ye-Africa and Middle East Originals e-Amazon uthe bakujabulele ukumemezela ukubuya kukaNoah okubalulekile eNingizimu Afrika njengomphathi we-LOL.
“Ngijabule ngokubuya ekhaya ukuzokwethula uhlelo lokuqala lwe-Prime Video lwaseSouth Afrika, i-LOL: Last One Laughing,” kusho uNoah.
Owinile uzothola umklomelo omkhulu ka-R1 million wokunikela enhlanganweni azikhethele yona eNingizimu Afrika.
UNoah wengeze ngokuthi, “Ngijabule ngethuba lokusebenza nezihlabani zosomahlaya ezikhulele ekhaya ohlelweni olungagcini nje ngokujabulisa abantu kodwa olubuyisela emiphakathini yaseNingizimu Afrika nezinhlangano ezisiza umphakathi.”
Ngasekupheleni kuka-2022, uNoah wamemezela ukuthi uhlanganyele ne-Savanna Premium Cider kwiTravor Noah Live Tour ezoba khona la eNingizimu Afrika. Lokhu kuzokwenzeka phakathi kuka-Agasti noSepthemba 2023.