UVukani Ngidi ufisa ukuthola ithuba lokusebenza noDJ Tira noma noBig Zulu

UVukani Ngidi(32) odabuka eMkhomazi KwaDumisa kodwa otholakala eMlazi esigcemeni sakaM ngokwamatoho ungene endimeni yezomculo kaMaskandi ngonyaka ka2000 ngeStage name sika Khum’shukela kodwa uze wathola ithuba lokungena eStudio ngonyaka ka2016.

“Ukungena eStudio akusiwo umsebenzi omncane mina kungithathe iminyaka engu-16 ukuthi ngikwazi ukungena ngikhiphe i-Album yokuqala ngaphansi kwegama lami. I-Album engayikhipha ngonyaka ka2016 inesihloko esithi MAMA WAMI, ngagadla kakhulu kule-Album ngoba phela ngangizethula kubantu, okwangijabulisa kakhulu ukuthi nabantu bayithokozela ngalendlela engangifisa ngayo. Into engiyifisa kakhulu okwamanje ukuthola ithuba lokusebenza nabantu abafana noDJ Tria, Big Zulu nabanye abaculi ngoba kuningi engifisa ukukwenza ukuze kuthuthuke umkhakha wezomculo kodwa angeke ngikwazi ukukwenza ngingedwa, ngiyazi uma sihlangene singamaciko ukhona ushuni omusha ongaphuma enginesiqiniseko sokuthi abantu bangawuthanda uphinde usithathe usifake khaxa phesheya kwezilwandle” kuchaza uKhum’shukela exoxa nephephandaba lomphakathi IKZN Namuhla.

Uma ungathanda ukuzwa umculo kaKhum’shukela ungawuthenga kuyena uyatholakala uyiCD noma nge USB kanti ungakwazi nokuthi uwu download kwi-inthanethi. Ungashayela kule nombolo: 0784494168/0719348282 ukuxhumana noVukani noma umulandele enkundleni yezokuxhumana uFacebook: Khum’shukela.