Lesisimo uMasipala weTheku akuso singaguquka senziwe ngcono, kodwa ukuze lokhu kwenzeke, kungadinga ukubambisana phakathi kwezinhlaka ezahlukene. Ngokusho kuka: Paul Kariuki ekanye no Avin Bhola.
UMthethosisekelo unombono wokuthi zonke izakhamizi emazingeni ehlukene empilo kumele zihlinzekwe ngezidingo ngqangi kanye nezinsiza ezikhona ngaphansi kwabo bonke omasipala ukuze zisetshenziswe njengoba kufanele.
Inhloso enkulu yaloMthethosisekelo ukuqinisekisa ukuthi zonke izakhamizi zithola ukubuswa ngaphansi kukahulumeni wasekhaya ngoba uyena oseduze nazo, ngaleyondlela zikwazi ukuthola izidingo zazo. Kodwa kunalokho isimo esikhona komasipala abaningi asigculisi neze.
Ngokombiko woMcwaningi maBhuku Jikelele wonyaka ka 2022, omasipala abaningi ezweni lonke sebebhekene nezinselelo ezinkulu kuleminyaka esikuyo ikakhulukazi mayelana nokunikeza isiqiniseko somsebenzi wabo, okubalwa ukungahambisi kahle ezokuphatha, ukungabi nalo uzinzo, ubuthakathaka bezikhungo, kanye nokwehluleka ukuletha izidingo kubantu. Umphumela walokhu ulethe ukudumala kubakhokhi bentela okudale ukuthi kube nemibhikisho yokungalethwa kwezidingo, okuhlanganisa ukucinywa kukagesi okuhleliwe nokunyuka kwezindleko zokuphila.
Ukwehluleka ukuphatha
UMnyango wezokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu kuzwelonke usanda kufaka uMasipala weTheku kuSigaba 154 sokwengamela. Okokuqala kubalulekile ukuqonda umphumela walokhu okwenziwe umnyango kanye nomthelela wakho.
UMthethosisekelo, ngokusebenzisa isigaba 154 (1), unika uhulumeni kazwelonke, kanye nowesifundazwe amandla okungenelela ukuze baqinise amandla omasipala baphinde baphathe izindaba zabo bathathe izinqumo ngokugunyazwa uMthethosisekelo.
Kungalesisizathu, ke, esidale ukuthi, umasipala weTheku kutholakale ukuthi wehlulekile ukwengamela imisebenzi yakhe ngokufanele.
Lomasipala weTheku utholakale ukuthi ukhungethwe izinkinga zokwehluleka ukwengamela imisebenzi yawo ngendlela efanele, okubalwa phakathi kwayo ukwehluleka ukusebenzisa imali yoxhaso ngesikhathi esifanele, izinsolo zenkohlakalo, inqwaba yemibuzo emayelana nokulethwa kwezidingo kubantu, inkohlakalo,amacala okukhwabanisa kanye nodaba lotshalomali luka R47 billion, olungasebenzanga ngendlela.
Ingabe yimuphi umithelela walokhu kubahlali baseThekwini?
Okokuqala, ukuhlinzekwa nokulethwa kwezidingo kubahlali kuzothinteka kakhulu. Ukulethwa kwezidingo kuzohamba kancane kakhulu kunakuqala. Kungacishe kungabi namiphumela ebonakalayo ngenxa yalokho ngoba kuzobe kunokuqhudelana nokulawulwa komasipala yizinhlangano zepolitiki ezahlukene okungapheli.
Okwesibili, ukuxhuma ephuzwini elingenhla, ukuphelelwa umdlandla kubasebenzi bakamasipala kuzogcina kubafakela ingcindezi ekwenzeni umsebenzi ababhekene nawo wokulethwa kwezidingo kubantu. Futhi abasebenzi bazozithola besesimeni esinzima kakhulu ukuthi bengakwazi ukufeza umsebenzi wabo njengokuyalelwa uMthethosisekelo.
Okwesithathu, izakhamizi zizoqhubeka nokukhononda ngenxa yokuthi abaholi kumasipala kanye nalabo ababamele behluleka ukufeza izethembiso abazenza ngesikhathi sokhetho.Kanti futhi, uma abaholi bezepolitiki, behluleka ukulalela izikhalo zabahlali, kuyacaca ukuthi bayosebenzisa ivoti labo ukuphoqa ukuthi kube noshintsho kumasipala.
Engabe lesisimo singalungiswa noma siguqulwe? Empeleni, lesisimo singaguqulwa kodwa ukuze lokhu kwenzeke, zonke izinhlaka ezibambe iqhaza, kuzodingeka kuqinisekiswe ukuthi kubakhona ukuzibophezela nxazonke,lapha sibala abaphethe kumasipala, amaqembu ezepolitiki,amakhansela, kanye nethimba elijutshwe ukuthi lizolungisa isimo elivela kuzwelonke kanye naseMnyangweni wezokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu esifundazweni.
Okokuqala nokuhamba phambili, umsebenzi wethimba lezinhlaka zonke ezibambe iqhaza kumele zibuyise ukwethenjwa ngumphakathi ongabahlali kumasipala. Lokhu akuyona into elula, uma sibuka ukushoda kobuholi kumasipala. yize kubukeka kuwumqansa kodwa kuzomele kusheshe kwenzele. Ukuze kubuye ukwethenjwa ngumphakathi, kumele kuqiniswe usiko lokusebenza ngobuqotho, ukuze kubuye isithunzi, nokwethembeka kumasipala.
Uma kungenzeki lokhu, kuyobe kusho ukuthi yehlulekile imizamo yokulungisa isimo esiyokwenza ukuthi umasipala ukwazi ukuletha izidingo kubantu ngendlela kanye nangezikhathi zonke.
Indlela yobuholi obudinga ukushintshwa
Okwesibili, kuzomele kushintshe indlela yokuphatha kumasipala ukuze kwesekwe indlela yokubusa ngendlela efanele.Ubuholi kumele kube ilokho obugxile kwizakhamizi. Lokhu kuzokwenza ukuthi izakhamizi zikwazi ukubamba iqhaza ekuhlanganisweni kwamasu azosetshenziswa lapho kuthathwa izinqumo. Kunesidingo esiphuthumayo sokuthi izifiso nezidingo zezakhamizi zibhekelelwe.
Uma izakhamuzi zibamba iqhaza ekuthathweni kwezinqumo,lokho kuba nomthelela omuhle ezindabeni zokuphatha kumasipala. Okwesithathu, uma kuqokwa abaholi abaqotho kumasipala. Kuncipha izigigaba zokuphatha budlabha kanye nenkohlakalo kuphinde kusize ukuvula amathuba okuheha abatshali zimali, kunciphise amathuba okulahlekelwa abatshali zimali abaqhuba amabhizinisi abo edolobheni.
Ngaphezu kwalokho, imifelandawonye yokubusa ngokubambisana kumele ifinyelele esivumelwaneni sokuhambisa phambili izidingo zabantu. Kumele kukhucululwe umasipala ekubangeni izikhundla phakathi kwamaqembu epolitiki kugxilwe ezinkingeni zabahlali bedolobha – futhi bahlinzekwe ngezidingo.
Ukuphetha, yize umsebenzi wokuguqula umasipala ubukeka unzima, kodwa lisekhona ithemba. Njengoba kusenabantu abaningi abangakhathalele ubulunga bamaqembu ombusazwe,kodwa abakhathazekile ngesimo, futhi bazimisele ukubuyisela idolobha ezinsukwini zalo zodumo.
Izakhamuzi zilangazelele ubuholi obuqotho kubavoti babo buphinde buzibophezele ekwenzeni kangcono kanye nokuphathwa kwezimali ngendlela efanele ukuze kulethwe izidingo kubantu. Ngaphezu kwalokho balangazelele ukubona ubuqotho balabo abaqokelwe ukubamela kwezombusazwe kanye nezikhulu zikamasipala zikhombisa ubuqotho, bamelane nazo zonke izinhlobo zokungethembeki nenkohlakalo baphinde bathobele nomthetho baqinisekise ukuthi idolobha lilawulwa ngendlela efanele. Impumelelo yalokhu iyobonakala ngokuhamba kwesikhathi.
-UDktl. Paul Kariuki unguMphathi Jikelele enhlanganweni i-Democracy Development Program. U-Avin Bhola ungumdidiyeli kwi-Local Governance and Advocacy Learning Network (LGALN)aphinde abe uSihlalo we- Kwenzokuhle Community Organisation.
Ingabe kusho ukuthini ukufakwa kweThekwini Metro ngaphansi kwesigaba 154 kubahlali?
![](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2023/06/MG_7731-scaled.jpg)