UTeko Modise uthi ukuzithiba ikona okwamsiza noma esebeke phansi amakhokho

UTeko Modise oyingqwele kwezomdlalo webhola lezinyawo uthi ukuzithiba ezintweni ezibizayo ikona okwamsiza emva kokuba enze iphutha lokumosha imali ngezinto ezingenasidingo njengokuthenga imoto eyabe idinga ayikhokhele uR22,000 ngenyanga.

UTeko njengomdlali webhola lezinyawo owabe ehola izimali ezishisiwe uthi akazange acabange ukuthi kungaba nesidingo sokuthi ehlise izinga lempilo yakhe njengoba wayezazi naye ukuthi ungumdlali osezingeni le Premier Soccer League

Eqhuba uTeko uthi ukuzihlolisisa kabusha kwamenza walibona iphutha lakhe lokumosha imali ngendlela engenaso isidingo futhi kwamsiza nokuthi ngisho emuva kokuthi esebeke phansi amakhokho wakwazi ukuphatha izimali zebhizinisi lakhe.

UTeko uchaza uthi ukwehlisa izinga lempilo kwadinga ukuthi ehlise izindlelo ngoba wathenga umuzi omncane, wadayisa izimoto zakhe ezintathu wasala neyodwa, wathenga nezicathulo ezishibhile hhayi indaba kaR50,000 yesicathulo esisodwa. Lonke lolushintsho uTeko uthi lwamenza walahlekelwa abangani bemhleba bethi akasenamali waze wasala nomngani oyedwa.

Lolushintsho lwempilo uTeko uthi ilona olwamenza wakwazi ukufudukela eCapetown City lapho afika wahola imali eningi kakhulu eyedlula ayeyithola kuMamelodi Sundowns.
.
Konke lolhu uModise kumenze waba usomabhizinisi ongcono njengoba esanda kwethula itelent agency yakhe entsha nasekwazi ukuthi anikeze izeluleko kubadlali abasafufusa lokhu ekwenza ngokubambisana nabakwaNedbank , lapho esebenzisa iNedbank ukweluleka abantu mayelana nezinqumo ozithathayo empilweni.