URoyalson Andile Zindela (31) ozalelwa endaweni yase
zingolweni Port shapstone wakhulela eFolweni usehlale
kuma lokishi amaningi la eThekwini njengo Umlazi,
Kwamashu nakwaNdengezi uzakhele udumo ngomculo
wakhe weAfro pop soul and jazz music osabalale ezitolo
za online zomculo kanti waziwe kakhulu ngengoma ethi
uGcabhayiyane edlale emisakazweni eminingi. Kanti seke
wabonakaka ephefoma eziteji ezinkulu njengo Durban
Jazz Festival kanye ne Ugu jazz Festival neminye
imicimbi.
URoyalson usethulele I album yakhe entsha ethi, SANA
LWAMI ekuyiyo azobe eqhulula izingoma zayo bukhoma
eBat centre ngo 29 July kuwo lonyaka ngo 12 emini
Amathikithi aseyatholakala e webtickets nakhona e Bat
Centre. Kulomcimbi URoyalson uyobe ubungaza ukuphila
nohambo lwakhe emnculweni uzobe ephelezelwa abaculi
abahlukene njengo Mthobisi Mthalane, Bongani
Nkwanyana ,Hloniphani art, Gabriel Youngstar kanye
nosonkondlo abahlukene ekubalwa kubo Usiba lwabalobi
Shiwe smartblack kanye no Snethemba Zulu.
“Isifiso sami ukuthi konke okuzokwenzeka ngalolu suku
kube isiqalo esisha ohambeni lwami lomculo. Angifisi
ukunandisa nje kuphela kodwa uma ngicula ngifisa
ukufinyelela enhlizweni zabantu. Nokubuyisa ithemba
ngakho wonke umculo wami owabantu bonke”.. Kusho
Royalson.
Kulindeleke izikhulu ezahlukene nabahleli bemicimbi
abahlukene ukuthamela loncimbi.