Njengendlela yokuzibophezela ekulweni nodlame olweyamene nobulili nokukhuthaza ukulingana ngokobulili, ihhovisi elibhekele izindaba ezithinta ubulili, iGender Office engaphansi kophiko lukaMasipala weTheku iCommunity Participation and Action Support Unit, lihambele emphakathini waseMayville.
Ngokwesitatimende esicashunwe ekhasini lika Facebook kaMasipala weTheku, sithi , Lifika kulendawo lelihhovisi likhuthaze ukuba umphakathi uphile ngokuthula nokuzwana. Ngokwenhlangano esebenza ngezindaba ezithinta udlame nezokuphepha emphakathini, iSaferspaces, ithi, baphakathi kuka-25 no-40 wamaphesenti abantu besifazane baseNingizimu Afrika asebake bahlukunyezwa ngokocansi kanye/noma ngokomzimba.
Kanti bangaphansana kuka-50 wamaphesenti asebake babika ukuthi babhekana nokuhlukunyezwa ngokomoya noma ngokomnotho yilabo abathandana nabo.