Ihhovisi  lezobulili eThekwini likhuthaze umphakathi waseMayville ukuba uphilisane ngokuzwana

Njengendlela yokuzibophezela ekulweni nodlame olweyamene nobulili nokukhuthaza ukulingana ngokobulili, ihhovisi elibhekele izindaba ezithinta ubulili, iGender Office engaphansi kophiko lukaMasipala weTheku iCommunity Participation and Action Support Unit, lihambele emphakathini waseMayville.

Ngokwesitatimende esicashunwe ekhasini lika Facebook kaMasipala weTheku, sithi , Lifika kulendawo lelihhovisi  likhuthaze ukuba umphakathi uphile ngokuthula nokuzwana. Ngokwenhlangano esebenza ngezindaba ezithinta udlame nezokuphepha emphakathini, iSaferspaces, ithi, baphakathi kuka-25 no-40 wamaphesenti abantu besifazane baseNingizimu Afrika asebake bahlukunyezwa ngokocansi kanye/noma ngokomzimba.

Kanti  bangaphansana kuka-50 wamaphesenti asebake babika ukuthi  babhekana nokuhlukunyezwa ngokomoya noma ngokomnotho yilabo abathandana nabo.

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *