OwezokuThuthukiswa koMphakathi nePhini leMeya yeTheku bahambele umphakathi wakuKennedy Road

UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi uNkk Nonhlanhla Khoza ehambisana nePhini leMeya iKhansela uZandile Myeni ngeSonto lomhlaka 30 Julayi bavakashele endaweni yakuKennedy Road lapho khona umlilo ucekele phansi izakhiwo ezingaphezu kweziyinkulungwane emasontweni adlule.

Ngokwesitatimende esicashunwe ekhasini likaFacebook kumasipala weTheku sithi, uNgqongqoshe uKhoza nePhini leMeya uMyeni badlulise amavawusha enani likaR2 080 umndeni ngamunye, izingubo zokulala, izipontshi kanye nezinto zokugeza emindenini eyashelwa yimizi kanye nempahla.

Lawa mavawusha azokwazi ukusiza imindeni ukuthi iyothenga ekudingayo ezitolo. Kusukela kwavela lesi sigameko, abahlala kule ndawo bebethola usizo lokudla ekuseni, emini nantambama zonke izinsuku ngosizo loMnyango wezoThuthukiswa koMphakathi.

IKhansela uMyeni ubonge ukusebenzisana Phakathi kukaMasipala, uMnyango wezoThuthukiswa koMphakathi namaNGO abebelokhu ehlinzeka izisulu ngezinye izidingo. Uthe ukwakhiwa kwezindlu kuseqhulwini lwezinhlelo zikaMasipala.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *