Ngiyabingelela sizwe sakithi enyangeni yabomama enyangeni yezimbokodo . Kuyisifiso sami ukuthi lomyalezo ufinyelele kubo bonke obaba nazo zonke izinsizwa kwelakithi, singamadoda sengathi singafunda ukubanakekela sibaphathe kahle. Phansi! ngokudlwengula nokuhlukumeza abesimame.
Saphiwa igunya emazulwini nguMvelinqangi elokuba ngabaholi bemindeni hhayi abahlukumezi nemigulukudu Abesimame baphiwa amandla angaphansi kwawethu ukuze bakhuselwe yithina, masenzeni umsebenzi esawuphiwa emazulwini . Mazingahlukunyezwa izimbokodo nezingane. Masibahloniphe abesifazane emakhaya, emisebenzini, emigwaqweni nasemphakathini. Phansi ngokubulawa nokudlwengulwa kwabesifazane! Madoda masithatheni indawo yethu yobuholi sikuqonde ukuthi akuholwa ngendluzula kuholwa ngothando .
Obhalayo umfundisi Katlego Nare