Asenkingeni amakhansela e-Economic Freedom Front (EFF) okubalwa namalunga eziShayamthetho kanye nawePhalamende ahluleke ukuqasha amabhasi okuthutha abantu abekumele aye embungazweni wokugubha iminyaka eyishumi lasungulwa leliqembu.
Umholi waleliqembu, uMnu Julius Malema obonakale ngisho ezinkundleni zokuxhumana evutha amalangabi ukudinwa ngenxa yokwehluleka kwabaholi beqembu ukwenza lokho okwakuvunyelenwe ngakho kokuthi bonke kumele bahlele baphinde baqashe amabhasi ngemali yabo ukuze bathuthe umphakathi walapho behlala khona uwuyise eFNB stadium ngeviki eledlule.
“Ukube bengiyibo bengizomane ngesule eqenjini ngoba bayazi ukuthi bahlulekile ukwenza umyalelo weqembu”. Kusho uMalema ebhodla umlilo intukuthelo.
UMalema uvimbele abaholi abangamalunga eziShayamthetho kanye nePhalamende ababalelwa ku-11 kanye namakhansela abalelwa ku 400 wonke ukuthi angalubhadi embhiyozweni weminyaka eyishumi yeqembu.Wathi bonke labaholi kuyafana nokuthi sebevele baxoshiwe.
Phakathi kwabaholi abavinjelwe ukuthi bangalubhadi embhiyozweni we EFF kubalwa owalapha KwaZulu-Natali uMnu. Vusi Khoza kanye nabakwezinye izifundazwe. Ekhuluma nabezindaba uMalela uthe bonke labaholi bazobhekana nokuqondinswa ubugwegwe kodwa wathi impela bekungakuhle bazisulele bona eqenjini.
Eqhuba uMalela uthe abaholi sebajwayela ukuhlale bezenzela umathanda bengaquliswa ngamaphutha abo wathi lokho angeke kwenzeke eqenjini lakhe le-EFF. Wathi bayolalelwa ngamunye ukuthi kungani bengenzanga umyalelo weqembu, bese iningi labo liyalelwe ukuthi alibone eleza ngayo.
Indlela abethukuthele ngayo uMalema uthe akanendaba nokuthi bayojoyina maphi amaqembu ezepolitiki uma sebexoshiwe.
“Kungani ngilokhu ngizikhohlisa ngicabanga ukuthi nginabantu abalishumi kanti empeleni bahlanu. Kungcono ngizisalele nabantu abakwazile ukuletha amabhasi eFNB stadium ngoba iwona masosha ami lawo”. Kusho uMalema.
Uphethe ngokuthi uma bekwazi okubalungele kungcono bamane basule eqenjini, ngoba bahluleke bancama ukuhlela amabhasi kusukela ngoJanuwari kwaze kwaba uJulayi, wathi angeke yena alibale indaba yamavila. “ ukuba khona kwakho ku EFF kuya ngokuthi usebenza kanjani”. Kusho uMalema.


