UThembinkosi Khanyisani Mathaba,ongumculi kaMaskandi ufisa ukuxhaswa abantu abathanda umculo

UThembinkosi Khanyisani Mathaba(37)odume ngelika  Khanyisani ongumculi kaMaskandi, udabuka  Emthunzini Emanzimeleni,kanti ngokuhlala  usoTongaat Emagwaveni, uqale indima yezomculo ngonyaka ka 2015.

Uqale wenza enza iqembu elalithiwa UBUHLE BETHU yaba ne Album AMAVIYO,waphinde wazibiza ngo MFANA KABHACA ne Album Umjolo eyesbili yathi Ngicela uxole ngo 2019 wase ezibiza ngo KHANYISANI ephethe ibhamu ngo 2022

Ufisa abantu bazi ngaye ukuthi ukhonze ukubhala ingoma enomyalezo nevusa uhlemvana/usinga uma uyilalele,Umsindo nokupikla akukhona okwakhe.

Uthi “Ngifisa kakhulu ukuthola i manager ngoba kwesinye iskhathi kubanzima ukuzibambela ube uyiciko,kanjalo nokuxhaswa abathandi bomculo wonkana ngokuthi benginike ithuba ezindlebeni zabo. Okwamanje umsebenzi wami lona ka 2022esihloko sithi NIPHETHE IBHAMU ukhona ku Youtube channel yam ethi:Khanyisani3060”.

Uyatholakala kulezinkundla- whatsapp:064 724 2536
Facebook page:KHANYISANIsa
Tik tok:@mfanakabhaca
Youtube channel:Khanyisani3060
Email address:thembinkosikhanyisani34@gmail.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *