Masiqaphele amaqola athembisa izimali ezisheshayo

Ngiyabingelela sizwe sakithi . Nginibhalele ngaloludaba oluthanda ukubabuhlungu , masizifundiseni ukusebenza kanzima ukuze siphumelele siyeke lomkhuba wokuthanda impumelelo esheshayo size sikhohliswe zinyanga mbumbulu zisiqole kwalokho okuncane esinakho .

Akekho umuntu ongakwenza uphumelele ngemilingo  abenaye efuna imali kuye . Kuyadabukisa ukubona abantu abadala bethatha umhlalaphansi emisebenzini bathole izimali zabo besebayaqolwa yilezinyanga mbumbulu zibathembisa ukubabuyisela lezomali seziyizigidi eziphindaphindiwe . Masivukeni kulobobuthongo impumelelo ayikaze yavela ngokuphazima kweso kodwa iyakhiwa iminyaka eminingi . 

Obhalayo umfundisi Katlego Nare 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *