UMasipala weTheku ngokubambisana ne Passenger Rail Agency of South Africa (PRASA) basemkhankasweni wokuhlanza idolobha, lokhu kuza emuva kokuthi iminyango ehlukene ngaphansi kukaMasipala weTheku okubalwa phakathi kwayo iTRUMP Area-Based Management, Cleansing and Solid Waste Unit kanye neMetro Police, ithathe isinqumo sokuthi igasele emzileni wesitimela
Ngokubambisana lamathimba elakwaPRASA kanye neloMkhandlu weTheku akwazile ukukhuculula yonke imfucuza ayithole ilahlwe abahlali kanye nosomobhizinisi ngokungemthetho emzileni wesitimela kanye nasezindaweni eziseduze.
UMkhandlu unxusa osomabhizinisi kanye nabahlali ukuthi nabo badlale indima yabo ekugcineni idolobha lihlanzekile, lokhu okungenzeka kuphela ngokuthi kulandelwe imigomo efanele yokulahlwa kukadoti, okuhlanganisa ukukhishwa kwemfucuza ngezinsuku kanye nezikhathi ezibekiwe zokuthuthwa kwayo, baphinde bahlukane nokulahla ezindaweni ezingekho emthethweni.
Okhulumela iPRASA uMnu. Zama Nomnganga, uthe iyabonakala imizamo yokusebenzisana phakathi kukaMasipala weTheku kanye nayo iPRASA njengoba sebekwazile ukuthi kukhucululwe udoti emzileni wesitimela, abadayisi abangekho emthethweni kanye nemigulukudu ehlala emzileni wesitimela.
UNomnganga ugcizelele ngokuthi lokhu kungcoliswa kwemizila yesitimela kudala inkinga yokuvimbela ukuhamba kahle kwezitimela kwesinye isikhathi kudingeke isitimela sime ukuze kususwe udoti. Kanti lokhu kungcola kubonakala kuvela emafemini ngoba kugcwele izidwedwe, wathi abenza lomkhuba wokulahla udoti emzileni wesitimela bazothathekwa izinyathelo zomthetho.

