Imiphumela yokhetho lohulumeni baseKhaya lonyaka ka-2021 lwaba isibonelo esihle esikhombisa ngokucacile ukuthi ukungaphumeleli kwabantu bakuleli ukuyovota ngosuku lokhetho kwadala ukuthi kungabiko iqembu elathola amavoti anele ukuze likwazi ukubusa lilodwa ngokuphelele.
Ngiyazi ukuthi iningi lamaqembu ezepolitiki akulangazelela kanjani ukukhipha iqembu elibusayo emandleni, ngoba ekholelwa ukuthi wona angenza kangcono kakhulu kunalo, kodwa futhi nawo abukeka engenakho ukuzethemba ukuthi uma ezimele geqe angakwazi ukuhlwitha amandla ombuso kwi ANC.
Lokhu kungabi nakho ukuzethemba sikubona ngokuthi aqale azakhele umfelandawonye wokwenza izivumelwano zokuthi uma iqembu elibusayo lingatholi amavoti enele ngokwamaphesenti adingekayo bese wona aqale enze uhulumeni ozobusa ngokubambisana (coalition government) .
Uma sibheka isikhathi esikuso manje komasipala abaningi ababuswa ngokubambisana kuyacaca ukuthi akukho ukubambisana okuhle ngoba amaqembu epolitiki ahleze evukelana esiswini njengotshwala uwezwe esethi akube nevoti lokungabethembi ubuholi obusuke buphethe kulowoMkhandlu njengoba sibona ko Johannesburg, lapho kuhlezi kushintshwa iziMeya njalo kanye nakwabanye.
ENingizimu Afrika wonke amaqembu ayafisa ukuthola amandla ukuze nawo akwazi ukwenza lokho akholelwa ukuthi kwenziwa iqembu elibusayo. Kodwa umbuzo uthi ikuphi okungcono ukubuswa iqembu elilodwa ozokwazi ukulibeka icala uma lingasenzi kahle kunokuba namankentshane azolokhu ebangisana ngamadla aze angakwazi nokuletha izidingo kubantu?
Uma lamankentshane ephithizela elibele ukubanga amandla ubani enizohamba niyombhikishela njengohulumeni wenu ningabahlali?
Awucabange nje izwe noma isifundazwe sesiphethwe amaqembu epolitiki amaningi ezolokhu ebanga ukuthi iqembu elithile alisahambisi ngokwezivumelwano kungcono likhishwe kungene elinye. Ingabe lokho kuyokwazi yini ukuthi isimo esinjalo silethe uzinzo kubahlali bakuleli na?
Ngokwami angiboni iNingizimu Afrika ikulungele ukuba nohulumeni wobumbano, kodwa ke angazi wena mhlali ukuthi ubona kanjani nawe unelungelo lokuveza okwakho.
Sengiphetha kungakuhle siphume ngobuningi sivotele iqembu elilodwa esikholelwa ukuthi lingayisa izwe phambili futhi likwazi ukukhulula izwe lethu kuzozonke lezikinga esibhekene nazo.

