UZama Ngwenya ongowesifazane okhubazeke ngokungaboni emehlweni oneminyaka engu 44, ohlala eCleredon ku-ward 32.Uthi kuyena ukubungazwa kwenyanga yokuhlonishwa kwmalungelo abakhubazekile akusho luthi ngoba akekho obakhathalelayo ngisho nohulumeni akazihluphi neze ngokulandela ukuthi ziyafezwa yini izethembiso azenziwa nanokuthi ingabe yini evimbe ukuthi zifezeke.
“Ngakho ngokwami awusho lutho lomkhankaso wokuhlonishwa kwamalungelo abakhubazekile, kunalokho ngibona abantu abangakhubazekile kuyibo kuphela abakwaziyo abasizakalayo ngoba bathola namathuba okwenza amabhizinisi baphinde bathole namathenda uma kunemicimbi yokubungaza inyanga yethu thina esikhubazekile.
Thina esikhubazekile siyaludinga ushintsho ukuthi nathi sicatshangelwe kangcono sithole amathuba okwenza amabhizinisi kanye namathuba angcono okuqashwa. Asidingi ukucwaswa ngoba nathi asizenzanga futhi abantu kumele bazi ukuthi ukukhubazeka kwenzeka noma inini. Kanti futhi nathi siyadisinga imizi ukuze sihlale sinethezekile. Zama Ngwenya
Contact: 082 544 4589